Uzovala umgidi uMthalane osethi khumu kwezamankomane
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Impilo yakhe eringini kusukela aqala ukulwa izoqoshwa ukunika ithuba labo abangazange bambone equmba phansi amadoda
Ufuna ukuwabeka ethala amagilavu ngesibhakela esinenkosi phakathi uMoruti “Babyface” Mthalane. Lo mshayisibhakela ochithe iminyaka engaphezulu kwengama-20 eshova amankomane, ngeSonto elizayo uzolwa impi yakhe yokugcina lapho ezotholana khona noDiomel Doicos wasePhilippines.
Lezi zimpi ezihlelwe iMvelo Boxing Promotions, kaNomvelo Magcaba-Shezi zizobanjelwa eCity Hall eMgungundlovu. Okugqamile ukuthi uMthalane uzobe eqala ukulwa ngakubo eMpendle kwazise emlandweni usalwe kabili esifundazweni zombili izimpi zabe ziseThekwini.
“Kuyintokozo enkulu ukuthi impi yami yokugcina ngizoyilwa lapho inkaba yami yasala khona. Ngilindele ukuthi kuphume nesinedolo. Njengoba kuzobe kukhona osomankomane abancane abanye abangalitholanga ithuba lokungibona ngilwa izimpi eziningi, ngifuna ukubatshengisa ukuthi kungani ngihlonishwa kangaka kulo mdlalo” kusho uMthalane owaqala isibhakela eneminyaka eli-13.
Eminyakeni eseringini ungomunye wosomankomane abahlonishwa kuleli naphesheya kwezilwandle. Ubengakaze asishintshe isisindo njengoba ezoyivala ngokulwa kwiJunior Bantamweight.
Waqala ngesicoco sikazwelonke, wadlulela kwesincane se-World Boxing Council (WBC) International, wathatha ese-International Boxing Federation (IBF) nese-International Boxing Organisation (IBO).
Ebuzwa ngokuthi uyayazi yini imbangi yakhe ewuDoicos uthe: “Angimazi kahle kodwa ngikwazile ukubuka amavidiyo elwa, ngeke ngaqamba amanga muhle kakhulu uyathembisa yena. Kodwa ngoba ngishilo ngifuna ukubukisa abantu bakithi isibhakela esinenkosi phakathi, angimthathi kancane kodwa khona ngizomhlula”.
Empini yakhe yokugcina ngoNdasa nyakenye, ebhekene noSunny Edward wamehlula ngamaphuzu e-England kubangwa ibhande le-IBF. Kwabe kungokwesithathu ethola induku. Ezimpini ezingama-42 asezilwe wanqoba ezingama-39.
Phakathi kwezimpi aseke azilwa kubalwa neyenkakha yasePhilippines uNotino “Fillipino Flash” Donaire wodumo lokuphatha amabhande omhlaba ezisindo ezahlukene kusukela kwi-Flyweight kuya kwi-Featherweight ne-Bantaweight.
Impi yabo yayiseLas Vegas, e-USA, ngonyaka wezi-2008 yamiswa ngunompempe ngomzuliswano wesithupha ngesikhathi kulimala uMthalane kabuhlungu iso. Kwakubangwa izicoco ze-IBF nese-IBO. Ngaleso sikhathi wayeqeqeshwa nguNick Durandt ongasekho emhlabeni.
Njengamanje ungaphansi kukaCollin “Nomakanjani” Nathan omsize kakhulu ngesikhathi ebuyisa ibhande le-IBF.
“Ngonyaka wezi-2011 nangonyaka wezi-2012, ngaba nemicabango yokuthi ngiwabeke phansi amagilavu ngenxa yokuthi ngangingazitholi izimpi, kodwa ngenxa yothando enganginalo ngalo mdlalo ngaqhubeka”.
Uthi umzuzu angasoze wawukhohlwa ingonyaka wezi-2018 enqoba ibhande lomhlaba. Uthi baningi ababethi kuphelile ngaye, akasiyeke isibhakela kodwa ukunqoba kwakhe kwashiya abantu abaningi bengawuvali umlomo. Emva kwalempi kuzokwethulwa ifilimu yomlando ngempilo yakhe esibhakeleni.
“Kuzobe kukhulunywa ngendlela engiyihambile kusukela ngilwa kuma-Amesha ngaze ngangena esigabeni esikhokhelwayo. Kuzovezwa ngesikhathi ngiqala ukuthatha ibhande likazwelonke noma sengidlulela kwawomhlaba. Laba abangalitholanga ithuba lokubona uMthalane bazobona uhambo lwami kuze kube inamhlanje” kusho uMthalane.
Uthi ukushiya isibhakela akusho ukuthi ngeke esazibandakanya nalo mdlalo, achithe impilo yakhe yonke kuwona. Ufuna ukuphatha osomankomane, aqeqeshe aphinde abe iMeneja.
Ubonge uNomvelo ongumhlobo kaThabiso “The Rock” Mchunu, ngokuthi enze lempi nakholelwa ukuthi ungomunye wophromotha abahamba phambili kuleli. Waphinde wanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baphume ngobuningi bezobuka lezi zimpi.