UNobengazi ufuna ukuzifaka zonke enyameni kuWendy
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.

UNobengazi Booth ufuna ukuphinde amlalise phansi uWendy Gcado, abazobe bebanga naye ibhande leSA kwi-Supermiddle Weight.
Lempi izobe ingezinye kwezihlelwe iTap Tap Boxing Academy kaCebiso Makhathini ngokubambisana neMvelo Boxing Promotions kaNomvelo Magcaba-Shezi.
Izimpi kulindeleke ukuthi zibe mhla zingama-31 kwephezulu eShowe Town Hall.
UNobengazi noWendy impi yabo eyamagqubu kwazise iyimpindamshaye, kwazise lamabhokisa nyakenye ngoNdasa atholana phezulu sekungumlando ukuthi intokazi yaseMooi River (uNobengazi) nguye owagcine enqobile.
“Le mpi ngiyilungiselele kakhulu, kwazise angiphumulanga njengoba bengilwa ngenyanga edlule. Ngingasho ngaphandle kwamathandabuzi ukuthi sengifisa kufike usuku lempi ngiphinde ngimnqobe uWendy bese ngiba umpetha waseNingizimu Afrika. Ngiyazi uzofuna ukuziphindiselela kodwa ngeke alibone elidlalayo” kusho uNobengazi.
Ezimpi ezinhlanu esizilwile kusukela ingene esibhakeleni esikhokhelayo lentokazi inqobe ezintathu yahlulwa kwezimbili, ngenyanga edlule ihlule u-Alina Nkosi. UWendy yena wagcina ukuba seringini ngoZibandlela nyakenye, yena uselwe izimpi eziyisithupha unqobe ezine, wehlulwa kweyodwa wadlala ngokulingana kweyodwa.
“Njengoba ngisanda kuba seringini kuzongilekelela kakhulu lokho mina kunaye uWendy onesikhathi agcina ukulwa. Ngithi nje iyolala ibonene ngoLwesihlanu oluzayo, ibhande lizolala eMooi River”.
Ubonge abeTap Tap Boxing Academy ngokubambisana neMvelo Boxing Promotions, ngokuthi bemnike ithuba lokuthi alwele ibhande laseNingizimu Afrika okade kuyiphupho lakhe lelo.
Ezinye izimpi ezibhekiwe ekaPhumelele Ngcobo noKhumbulani Mdletshe abazobanga ibhande leKZN Welterweight, kube ekaMnelisi Ndlovu noSechaba Ndlovu bna abazobe bebanga iKZN Flyweight.

