Now Reading
Uzibona esasenalo ithuba lokuphinde adlale kwiBetway Premiership uNtshangase
Dark Light

Uzibona esasenalo ithuba lokuphinde adlale kwiBetway Premiership uNtshangase

Umdlali owagqama kakhulu kwiBidvest Wits uPhumlani Ntshangase, uthi yize iminyaka isimphika ngokwalapha eNingizimu Afrika kodwa usanesifiso sokuphinde adlale kwiBetway Premiership.

UNtshangase (31) iyibamba esiswini kuyimanje ugijima eqenjini eligijima kwi-Safa KZN ABC Motsepe League iSummerfield Dynamos.

“Iminyaka engikuyo lapha eNingizimu Afrika usuke usuthathwa njengekhehla, okuyinto leyo engiyithatha njengechilo mina. Ngibonile ukuthi uKeagan Buchanan no-Alfred Ndengane bathathe isinqumo esinzima sokubeka amakhokho ethala. Mina lokho angikucabangi nakancane ngoba ngisanethemba lokuthi ngelinye ilanga ngobuyela kwiBetway Premiership” kusho uNtshangase.

Ngesikhathi bedlala umdlalo wobungani neDurban City FC lo mdlali ube eseba nengxoxo ebe isikhathi eside noGavin Hunt, okuyiyo emkhuthaze kakhulu.

See Also

“UHunt ngimuthatha njengobaba kwazise wanginika ithuba kwiBidvest Wits, ukukhuluma naye kunginike ithemba lokuthi isifiso sami sisangafezeka. Naye indlela engadlala ngayo wangibona ukuthi ngisanawo amandla okudlala okudlala esigabeni esiphezulu” kushk uNtshangase.

Uthe unesifiso sokunqoba iligi neSummerfield Dynamos, kwazise uyakwazi ukuwina kunjani njengoba asanqoba izindebe eziningi kwi-Premier Soccer League (PSL).

Scroll To Top