Kuyayikhuthaza ukuzalwa nompetha intokazi efikayo esibhakeleni esikhokhelayo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
ULethokuhle Sibisi uziphonsele inselelo yokuthi ufuna ukulandela ezithendeni zikamfowabo ogila izimanga esibhakeleni.
Ngeledlule lentokazi yaseDundee ibiqala ukulwa esibhakeleni esikhokhelayo, yakwazi ukuthi inqobe ihlula uPamela Matunga waseZimbabwe. Kwizimpi ababelwa kuzona beziqhathwe iHlula Dladla Boxing Promotions kaDkt Hlulokwakhe Dladla Escourt Town Hall ngempelasonto edlule.
ULethokuhle uzalwa noLindelani “Sqhwaga Man” Sibisi naye obelwa ngeledlule wanqoba ngamaphuzu kuKeisham Luckysun Singh wase-India empini yebhande le-International Boxing Federation (IBF) International, kwi-Featherweight.
Amanye amabhande aseke wawaphatha uSibisi eleKZN Featherweight, iWBA Pan African Featherweight, iWBF Intercontintinental Featherweight, i-ABU All Africa Featherweight nele-SA Featherweight, kuyimanje ukeliswe endaweni yesibili e-Africa kwi-Featherweight.
“Ukunqoba kwami kusho lukhulu kumina ngoba kuyangikhuthaza ekutheni ngibuyele emumva ngiyosebenza ngokuzikhandla. Njengoba sengisesibhakeleni esikhokhelayo ngibe sengithatha isinqumo sokuba ngizibekele inselelo yokuthi ngifike ezingeni lamfowethu uLindelani. Ngiyazi ngeke kube lula kodwa kuzodinga mina ukuba ngizinikela, okuyinto leyo engizimisele ngayo” kusho uLethokuhle.
Le ntokazi ithe akubanga lula neze ukuzilungiselela impi yayo noPamela, kudingeke abaqeqeshi uNathi Thusi noNathi Hlatshwayo bakhiphe amava abo ukuze izokwazi ukwenza kahle eringini.
“Impi yami elandelayo kungenzeka ibe ngenyanga ezayo okanye ngoZibandlela. Njengoba nginqobile ngeledlule lokho sekungumlamdo ngiphokophele phambili ngoba ziningi izifiso enginazo. ULindelani uhlezi engitshela ukuthi lamabhande aseke awaphatha nawaphethe akuwona umlingo, kodwa kudingeka ukuzikhandla”.
Isonge ngelokuthi eminyakeni ezayo ifisa ukuphatha ibhande lomhlaba, okuyinto leyo eyazi kahle kamhlophe ukuthi ngeke yaba lula.
ElaboHlanga lingakuqinisekisa ukuthi le ntokazi yayibona isayina inkontileka nesitebela iHlula Dladla Boxing Promotions, okusho ukuthi ingaphansi kwayo ngokusemthethweni.

