Now Reading
Bayiweze ngelibanzi iFortuner ingena esitebeleni seGR-S
Dark Light

Bayiweze ngelibanzi iFortuner ingena esitebeleni seGR-S

Ukube iToyota Fortuner ingumuntu ngabe izincinza inqulu ngokungena esitebeleni esimqoka esiqukethe izimoto ezikhethekile kwaToyota esibizwa ngeGR-Sport. Yize kuyizindaba ezehla kamnandi ukunyuka kwezinga leFortuner kodwa kumele ulindele ukukhokha imali ecela esigidini ukuze uhambe ngeFortuner GR-Sport yakamuva. Ezinye izimoto zale nkampani ezikulesitebele iHilux GR-S, Land Cruiser 300 GR-S, neCorolla Cross GR-S.

Ngaphambi kokugeqa amagula sengathi ngiyemuka angikusho ukuthi iGazoo Racing (GR) uphiko lwezimoto zomjaho nejubane lakwaToyota. Izimoto ezingaphansi kwalesi sigaba zinezinjini ezakhelwe isivinini, bese kuthi isuspension yakhona ihlanganiswe ngendlela yokuthi ibe nomuzwa yemoto eyi sport. Ngiwufakazi walokho ngoba ngingomunye wabathola ithuba lokuvivinya iToyota Hilux GR-Sport.

Okunye okwenza uhlobo lwe-GR-S lwehluke ezimotweni zakwaToyota ezijwayelekile ukuthi zisebenzisa amaphathi akwaGR nangaphakathi kusuka ezihlalweni, isiteringi, ingaphandle kwitailgate,kuze kuyoshaya ezinhlangothini igqize ngophawu lweGR-Sport oluwumbama obomvu nomnyama.

Yini entsha kwiFortuner GR-Sport

Ngaphambili ishaya ngohlobo olusha lobhampa oluhambisana nesigaba seGR-S olunamalambu enkungu amafog lights ngaphambili. Igrille egqize ngombala omnyama bayithe chwa ngophawu lweGR ohlangothini lwangakwesokunxele. Akulula ukulubona lolu phawu kodwa engikuqaphelile ukuthi luyayishintsha indlela imoto ebukeka ngayo luphinde lwengeze nomuzwa wesporty.

Olunye uphawu lweGR-S balufake eduze kancane kwegiya. Amalambu ohlobo lweLED ahlukene izigaba ezine  akakwe ugqinsi olumnyama sakucwebezela  olunqamula kusuka ekhoneni lebhonethi zinhlangothi zombili. Phakathi nendawo uphawu lakwaToyota luze layogamanxa kubhampa. Iphuma no 18 inch werimu lwe-GR namathayi  akwazi ukumelana nazo zonke izimo zendlela. Itounchscreen equkethe okuningi ngemoto isebenzisa izipikha eziphambili zeJBL okuthi noma uxhume iselula izwakale kahle. 

Izihlalo zikubamba zikugomothele

Ngendlela izihlalo zakhona nengaphakathi layoyonke imoto abalihlanganise ngayo ungacishe udideke uzitshele ukuthi uhleli egumbini lokuphumula emzini thizeni kamntakabani. Izihlalo zigqize ngophawu lweGR-S ezindaweni zokuncika kumaheadrests. Izihlalo zigqize ngothotho lwestishi esibomvu, zase zihlanganisa isikhumba nendwangu yeswedi. Kule genge ethi ayibe ngangami izokhumbulula ukuthi indwangu yeswedi yayidlisa kanjani. Okuhle ngeswedi ukuthi ayikubambi ukugcola, kulula ukuyisula lapho kwenzekile yangcola khona futhi iyoma kalula. Phansi bayixine ngamaphedali e-aluminium sport bese ivala ngebhathini lokuyidumisa nalo eligqize ngophawu lwe-GR-S. 

Amandla enjini

Into kwaToyota abangayishintshanga kwiFortuner ukuze ihambisane ne-GR-S injini. Basayidudula ngayo leyo njini engu 2.8 litre GD-6 edonsa ngodizili. Le njini yiyo engumdobi wabantu kaToyota futhi okubonakala besazohlala nayo ngoba izithelo zokunamathela kuyo ziyabonakala. Le njini ikhiqiza amandla afinyelela ku165kW ne torque engu 550Nm.

See Also

Idonsa ngawowonke amasondo bese iba ngu 6 speed ongumshini ozishintshayo (automatic gearbox). Into yokuqala ebengifuna ukuyizwa kule Fortuner amandla nokuthi emgwaqeni iyakwazi yini ukumelana nazo zonke izimo. Uma uzoyifaka ezintabeni uzowuzwa umehluko kwisuspension nokubambelela nakuma shock absobers. Ukubambelela kwamasondo ohlobo lweDunlop Grandtrek kulolu hlobo ebesiluvivinya ngiluzwe luwenza umehluko kwimimango. 

Ukusonga ngeFortuner GR-Sport

Ngaphandle kokuyixina  ngophawu lwe-GR-S ngaphandle nangaphakathi kwaToyota babenzile ubulungiswa kule moto ikakhulukazi kwisuspension. Ngenxa yokuthi iyinyama ngiyithandile indlela entsha abazama ukulwa ngayo nokwebiwa kwayo ngokuyifaka ibhathini eliwukhiye eduze kwegiya (ukube bekuyindu bengizothi ingidi). Kubukeka kuyibhathini empeleni ukhiye okudinga uwucindele uma upaka bese ubopha ngqi igiya linganyakazi.

Leli bhathini linokhiye wakhona elivulwa ngawo. Intengo ka R999 000 iyilungele le moto uma uzobheka izimbangi zayo njengeFord Everest nezinto ozithola kuyo. Ngincamile indlela eyonga ngayo kuphethroli ngoba ngebanga lika 100km/h kukhona lapho icaphune khona amalitha angu 10.6 litres okuwukonga okukhulu emotweni enkulu ngalolu hlobo. Esikhathini esiyizinsuku eziyisikhombisa engiyichithe naso bengiyifaka ku Eco Mode kube khona nalapho ngiyifake ku Sport Mode nokuthe ukuthi xaxa ngezinga likaphethroli ogcina usufika ku 11.9 litres ngo 100km/h.

Scroll To Top