Now Reading
Usolwa ngenyambadu u-ANC uqukula izinsiza eNquthu
Dark Light

Usolwa ngenyambadu u-ANC uqukula izinsiza eNquthu

Kungakapheli nsuku zingaki kukhethiwe umphakathi usuyakhononda ngempatho

 

KUBATSHAZWA ‘unya’ olwenziwe eNquthu, KwaZulu-Natal okusolwa kulo uMnyango Wezokubusa Nokubambisana Nezindaba ZoMdabu, esifundazweni  osolwa ngokwephuca  abantu amathangi okugcina amanzi ngemuva kokhetho lokuchibiyela olugcine lunqotshwe iqembu – Inkatha Freedom Party (IFP).

UMnyango oholwa nguMphathiswa, uNkk uNomusa uMaDube Ncube kuthe ngesikhathi kukhankaselwa lolu khetho obeluyingqophamlando, wanikela ngoJojo bamanzi nokwenze i-IFP yenza izinsolo zokuthi ukwenza lokhu ngoba enxenxela i-ANC amavoti ebiwabheke ngabovu. Nokho izinto kuthiwa zivele zajika ngoMsombuluko lapho lo Mnyango kuthiwa uthumele abasebenzi bawo abafike bazowathatha ngaphandle kokuchazela umphakathi isizathu. Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngoMsombuluko kanti la mathangi athathwe esigodini sakwaMgqobhi kuWard 4 ngaphansi kukaKhansela uMnu uMbongeni Mnguni obuye abenguSomlomo woMkhandlu waseNquthu nakuWard 2. Lolu daba seluqhathe i-ANC ne-IFP njengoba  abaholi balezi zinhlangano sebelwa ngamazwi esidlangalaleni besolana ngalo.

I-IFP yenza nezinsolo zokuthi ezinye izinsiza ebezihanjiswa eNquthu zifudukiselwa oPhongolo ukuyonxenxa abavoti bakhona njengoba kuza ukhetho lokuchibiyela ngesonto elizayo. USihlalo we-IFP , uMnu uBlessed Gwala uthe la mathangi angoJojo, kade bakhala ngawo ngoba bebona ukuthi ngesikhathi ehanjiswa emphakathini, ayefike anikezwe amalungu kaKhongolose ayengenele ukhetho lwaseNquthu ukuze kube yiwo awedlulisela emphakathini. “Sebebonke laboJojo abahanjiswa eNquthu bangama-32 kanti kuthe kuleli sonto sezwa sekuthiwa aseyalandwa kubantu  ngoba nakhu bengayivotelanga i-ANC. Sibuhlungu ngale nto ngoba kuyacaca ukuthi uKhongolose uxhaphaza amandla okuphatha uHulumeni,” kusho uGwala.

Lo mholi uke waveza nokuthi ngisho abaphathiswa abese belala eNquthu, behla benyuka ubusuku nemini abasophinde babonakale njengoba uKhongolose ehluliwe kodwa sebefudukela oPhongolo lapho kuzoba nokhetho lokuchibiyela ngoLwesithathu oluzayo. UGwala uthe kufanele kwenziwe uphenyo oluzocacisa ukuthi ngabe laboJojo bafika kanjani futhi babelethwe kobani njengoba sebethathwa ngesankahlu. Ngakolunye uhlangothi umkhulumeli we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu uMdumiseni Ntuli uthe sebefuna i-IFP ikhiphe ubufakazi ngalezi zinsolo.

“Sikhathele amanga ahambe esatshalaliswa Inkatha ekubeni ingenabo ubufakazi obubambekayo. Kade ngikhuluma naye uGwala emsakazweni uKhozi FM ngimbuza ukuthi ukuthathaphi lokhu akushoyo kodwa uvele wangena ezintangeni wathi naye uzwe ngabantu. Namanje sisamile njengoKhongolose ukuthi uGwala akasinikeze ubufakazi obubambekayo ngalezi zinsolo ngoba manje uhambe ebeka kabi igama likaKhongolose ngalezi zinto azikhulumayo. Okokuqala laboJojo babehanjiswe uMnyango Wezokubusa Nokubambisana Nezindaba ZoMdabu eNquthu ngakho angazi ukuthi thina singenaphi,” kusho uNtuli.

UKhansela uMbongeni Mnguni wakuWard 4,  uthe umphakathi wakhe uphatheke kabi ngendlela eyisimanga ngenxa yesihluku abasibone senziwa abasebenzi bakwaCogta bezobephuca oJojo. “Mina nginqunywe izandla kulolu daba akukho engingakwenza ngaphandle kokuba ngiye eMkhandlwini ngizamele umphakathi indlela yokuba uthole ingqalasizinda yokubasiza ngamanzi. Ngikusho lokhu ngoba laboJojo ngesikhathi belethwa, babenikezwa amalungu kaKhongolose ayengenele ukhetho ebesinalo lapha eNquthu. Nangaleso sikhathi kwakusetshenziswa abasebenzi abangaphansi kohlelo i-Extended Public Works Programme (EPWP). Kumanje silindile ukuthi babuye bazokwephuca izingane ijezi lebhola ababelinikelele intsha kuza ukhetho kanye nokudla okufana nenyama ethothombalisiwe ababekupha abantu bakule ndawo. Thina asikaze sizwe ukuthi umuntu uma ehlulwe okhethweni uyathukuthela ephuce abantu izinto abebaphe zona,” kusho uMnguni.

Umkhulumeli woMnyango uMnu uLennox Mabaso uthe uhubhu kaBhejane lona oshiwoyo futhi kubaphatha kabi benguHulumeni ukuthi kusatshalaliswe amanga afana nalawa. “Kubuhlungu ukuthi uMhlonishwa onjengoGwala, uMphephethe ahubhuze amanga ngento angenalo iqiniso layo nobufakazi obubambekayo. Sikholwa ukuthi le nkulumo idalwa ingcindezi yokuthi eNquthu sekufanele kusetshenzwe manje, kuyiswe intuthuko kubantu. Yikho sekukhona abacasha ngesithupha ukuze kungabonakali uma sebehlulwa umsebenzi.Thina sithi intuthuko yaseNquthu ayiqhubeke igeleze njengoba bekuhlale kuyiwa khona kukhankaswa. Okunye esifisa abantu bakwazi ukuthi uHulumeni usazoqhubeka angenelele eNquthu uma umkhandlu wehluleka ukusebenza.

UHulumeni usazoyithuthukisa iNquthu futhi sifisa nalabo asebefafaza amanga benza sengathi iNquthu iyizwe elizimele,   bakuqonde ukuthi iyidolobha laseNingizimu Afrika eliKwaZulu-Natal. Nokho umbuzo enginawo owokuthi ngabe uma kufika izigebengu zicekela phansi ugesi eNquthu sekuzothiwa zithunywe uNgqongqoshe kagesi na? Phela siyazi ukuthi sekunabantu beqembu elithile abamatasa eNquthu bacekela phansi inqalasizinda efakwe uHulumeni ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo. Ngakho ngithi umuntu okhuluma indaba yalabo Jojo ethi bathathiwe akahambe aye eNquthu afike azibonele ukuthi bathathwe ngempela yini,” kusho uMabaso.

INquthu ibisematheni kula masonto edlule kusuka kwaqala izinkinga zokwehluleka kwamakhansela akhona ukukhetha isigungu esizohola uMkhandlu ngenxa yezingxabano ezazikhona. Lokhu kwaze kwaholela ekutheni uMphathiswa  uMaDube Ncube angenelele ngaphansi kukaSigaba 139 (b). Nakhona lapho izinto zibenhlanga zimuka nomoya kwaze kwagcina ngokuthi ikhabhinethi yesifundazwe imemezele ukuthi iyawuhlakaza uMkhandlu waseNquthu ngenxa yezinkinga zamakhansela abefakana ezinkantolo.

See Also

Amakhansela abethinteka awe-EFF abelwa wodwa nawe-NFP. Lolu daba lokulwa kwala makhansela kwagcina sekuba nezinsolo zokuthi kukhona nokugxambukela ezindabeni zawo okwenziwa i-IFP ne-ANC. Lokhu kwalandela ngokuthi elinye ikhansela le-EFF limelwe enkantolo ummeli we-ANC kwathi elinye elinguzakwabo elalibanga nalo labonakala limelwe ummeli we-IFP. Lama qembu ayenethemba lokuthi ozonqoba enkantolo uzovota nelinye lawo. Ngaphandle kwalokho ukhetho lwaseNquthu lushiye i-ANC izikhotha amanxeba njengoba ithelwe ngehlazo yathola imiphumela eyehle yadlula naleyo yangomhla zintathu kuNcwaba nyakenye. Le miphumela ibivuna i-IFP njengenqobe ngamalengiso yaze yathola namawadi amane ngaphezulu ayenqotshwe uKhongolose ngokwedlule.  Kuleli sonto i-IFP ikwazile ukuthi amakhansela ayo aqokelwe ezikhundleni zokuhola umkhandlu ngaphandle kokuphazanyiswa ngemuva kokuthi izibalo ezakhishwa abeKhomishana eziMele yoKhetho, zaveza ukuthi banqobe ngamalengiso ngakho kulokhu umkhandlu bazowuphatha ngokuzimele bengancike kumuntu.

UMnu uMabilabila Kunene ufungiswe waba yiMeya yoMkhandlu kwathi iphini lakhe kwaba uNks uNothile Zungu, uSomlomo kwakhethwa uMnu uMbongeni Mnguni. UKunene ubesefungiswa okwesibili kulesi sikhundla njengoba kuqala umkhandlu wahlakazwa esegqokiswe ngisho iketanga lobuMeya. Ngesikhathi kuza ukhetho lwaseNquthu intuthuko ibonakale igeleza njengamanzi kwaze kwachazeka naMakhosi akhele izindawo zakhona. Ngisho imigwaqo eminingi yakule ndawo esemakhaya, ibiphithizela izimoto zamalambu aluhlaza zithelana ngothuli kube kuncane indawo kujahwe emphakathini eyakhele izigodi ezahlukene. Nakuba imigwaqo iwubhuqu kodwa iNkosi yesizwe sakwaMazibuko yancoma yathi igugulwe yonke imigwaqo ebiyinkinga ezindaweni eziningi ngenxa yokubakhona koNgqongqoshe.

Imihlangano yomphakathi nabaholi bakaHulumeni bese kuyinto yansuku zonke sekuhlale kutheleka nabasuka kuzwelonke bezobheka isimo ukuthi sihamba kahle yini. Abaholi beNdabuko baseNquthu naseMzinyathi bagcine sebehluleka ukuzibamba bencoma ukuthi uHulumeni ubonakala esebenza ngendlela abangakaze bayibone kule ndawo. Intsha yaseNquthu ibingasasazi isizungu ngenxa yokuthi besekunezinto eziningi. amaqembu ezombusazwe abesehlale enemidlalo ayenzela intsha. I-NFP yona ibivamise ukuhlela imicimbi yengoma kanti i-ANC ibivele yenze idili labaculi bakamaskandi.  I-IFP  nayo  ibizama iletha abaculi abazojabulisa  umphakathi nokugcine kuvela ukuthi indlela ebixakeke ngayo ichithe cishe izi-R200 000 emkhankasweni yayo kuphela kanti uKhongolose kuthiwa uchithe imali eyizigidi ezi-R3.

Khonamanjalo  abaholi abaningi bamaqembu ezepolitiki nabakuHulumeni bamatasa ezindaweni ezingaphansi koPhongolo lapho bevivela khona uKhetho lokuchibiyela. Ngisho iNFP ayililahlile ithemba njengoba nayo abaholi bayo behla benyuka kuleya ndawo beyokhankasa. UMholi we-IFP uMntwana wakwaPhindangene kulindeleke ukuba atheleke oPhongolo ngeSonto  kuWard 7 lapho ezoba nombuthano wokugayela iqembu lakhe ivoti.

Scroll To Top