Ziningi izingane zabafana ezilaxaza isikole: Ucwaningo
Njengoba sezihubela sakusha ngokubhalwa kwezivivinyo zikaMatric seziqalile izinkumo zaminyaka yonke eziqubuka ngalesi sikhathi sonyaka ngezinga lemfundo ezweni eligcina linomthelela ngemiphumela kaMatric. Ucwaningo lwakamuva olwenziwe uSolwazi uSteven Taylor luveza ukuthi izingane zamantombazane zibamba kalula esikoleni kunezabafana.
Ngokocwaningo ngonyaka wezi-2022 zingama-41,9 % izingane zabafana ezakwazi ukufinyelela ezingeni lika grade 10 uma kuqhathaniswa nezingamantombazane ezingama-56.2%. Kulesi sibalo izingame ezingama-172 000 zashiya phansi isikole zingakafiki kwagrade 10 ngowezi-2022. Ezinye kwavela ukuthi zase zikhulu kakhulu ngeminyaka ukuthi zingaba kuleli banga. Ngokwezibalo izingane ezingama-83% zase zikhule kakhulu ngeminyaka ngonyaka wezi-2022.
UDkt. uGabriel Wills onguMcwaningi oMkhulu ophikweni iSocio Economic Policy Growth eNyuvesi iStellenbosch esikwa kwelijikayo ngalolu cwaningo uveze ukuthi kusuka kaMadala ejudeni izingane zamantombazane zazivele ziphambili kunezabafana ngezinto eziningi ngisho zingakangeni ngisho nasesikoleni. Uthe kusuka ku-grade 1 kuya ku-grade 12, maningi amathuba okuthi izingane zabafana zishiye phansi isikole phakathi kwalamabanga.
“Ngokujwayelekile izingane zabafana azenzi kahle uma ziqhathaniswa nezamantombazane ikakhulukazi ezifundweni zolimi nokufunda. Okunye okunomthelela kulokhu indlela izingane zabafana eziziphatha ngayo ekukhuleni kwazo,” kushi uDkt uWills.
Uveze ukuthi izinto esizibona zenzeka kwagrade 10 zisuke ziwumphumela wokusuke kwenzeke esigabeni esiphansi sengane lapho iqala khona isikole. “Okuningi kwakho kunomlando wendlela izingane ezikhuliswa ngayo ngokobulili,” kuchaza yena. Phezu kwalokhu ukuvezile ukuthi kuningi osekwenziwe ukulungisa lesi simo. Uthe izinga lezingane elishiya isikole ngaphambi kokufinyelela kuMatric lehle kakhulu eNingizimu Afrika eminyakeni elishumi eyedlule uma kuqhathaniswa namanye amazwe.
Akakufihlanga ukuthi uma lingabunjwa liseva esigabeni esiphansi isimo singashintsha kakhulu. “Sidinga ukuqinisa kakhulu emazingeni aphansi kumantombazane nabafana ikakhulukazi ezintweni ezifana nokufunda nokubala,” kuphetha uDkt uWills.

