Akakaphumi ebungozini nokho uyelulama uTrump



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uDonald Trump (osesithombeni) uthumele umyalezo ngevidiyo kubantu base-USA kuleli sonto ngemuva kwezinsuku ezimbili esesibhedlela samasosha sase-USA lapho ebelashelwa ukhuvethe.
Umyalezo ubuthi: “Phumani futhi ningesabi”.
Yize odokotela bakhe bethe akakaphumi ebungozini kule vidiyo uTrump ubonakale engasifakile isimfonyo futhi ekhombisa ukungathuki ngemuva nje kokubuyela eWhite House esuka eWalter Reed Medical Center.
“Ungavumeli ukuthi likubuse. Ungalesabi,” kusho uMengameli uTrump. “Siyabuya, sesibuyela emsebenzini. Sizoba siphambili. Ungavumi ukuthi libuse impilo yakho. Phumani kodwa niqaphele.”
Ukhuvethe selubulale abantu abangaphezu kwesigidi emhlabeni jikelele kwathi e-USA iyodwa kwashona abangaphezu kwezi-209 000 okuyisibalo esikhulu emhlabeni.
Ithimba lakhe lezempilo lithe uTrump oneminyaka yobudala engama-74 ubengakaze abe nemfiva esikhathini esingamahora angama-72 futhi amazinga akhe omoyampilo (oxygen) abejwayelekile. Odokotela bakhe banqabile ukukhuluma ngemiphumela ezobakhona emaphashini kaTrump njengoba ebenokhuvethe futhi abafunanga ukudalula ukuthi wagcina nini ukuhlolelwa ukhuvethe watholwa engenalo.
Leli thimba lithe uMengameli uTrump uthole umoyampilo owengeziwe kabili kulezi nsuku ezimbalwa.
“Yena akakaphumi ebungozini,” kusho uDokotela uSean. P. Conley, ongudokotela waseWhite House.
“Uma kungashaya uMsombuluko noLwesibili isimo sakhe sisafana ilapho esizoqala sikhululeke khona.”
Kodwa uDkt uConley uthe ithimba likaTrump lezempilo likholwa ukuthi ubesekulungele ukuthi aphume esibhedlela wagcizelela ukuthi uzothola ukwelashwa kwezempilo okusezingeni eliphezulu eWhite House.
Uphinde wathi odokotela bahamba indawo abangayijwayele njengoba uMengameli ubesethole izindlela eziningi ezithile zokwelashwa kunesikhashana egulile futhi ukhuvethe lubikiwe emhlabeni.
Ubucayi bokugula bukaTrump bube ngaphansi kokucutshungulwa okukhulu, kanti abanye ochwepheshe bezokwelapha bebebona ukuthi njengendoda ekhuluphele ngokweqile futhi esikhulile ngeminyaka ubesesigabeni esinamathuba amaningi okuthi abe nezinkinga ezinzima noma ashone ngenxa yokhuvethe.
Ubelashwa ngemasteroid nangedexmethasone okuyizinto ezijwayele ukusebenza uma isimo sonokhuvethe sesinzima kakhulu. UTrmup ubevamisile ukubukela phansi ubungozi balolu bhubhane. Ezinsukwini ezedlule udedele amavidiyo akhe eqinisekisa umphakathi ukuthi uyelulama.
Umthombo osondelene naye uTrump wona ubike ukuthi ubengafuni ukuya esibhedlela ngesonto eledlule futhi ubesejahile ukuphuma futhi khona.
Lokhu kuhlabeka kukaTrump ngokhuvethe kukhumbuze abantu abaningi emhlabeni ukuthi ukwehla kwezibalo zabanokhuvethe emhlabeni kwakungasho ukuphela kwalo uqobo. Kuzokhumbuleka ukuthi uMnu uTrump kanye naloyo onguMengameli waseBrazil uMnu uJair Bolsonaro bebeluthatha kancane udosi lokhuvethe bengazifaki izamfonyo okugcine selubahlaba bobabili ngezikhathi ezahlukene. Umbuzo osusele ngukuthi ngabe manje uMengameli uTrump usezoqala aluhloniphe ukhuvethe noma uzoqhubeka nokuba yiqhawe.