Now Reading
Ubonga ukuqokelwa kwel’Amabutho uMothwa woSuthu
Dark Light

Ubonga ukuqokelwa kwel’Amabutho uMothwa woSuthu

Unozinti wa-AmaZulu FC uVeli Mothwa (osesithombeni) ubonge abalandeli ngokuthi bamvotele, ekutheni kube nguye oqala umdlalo eqenjini Amabutho.

Leli qembu lingelinye kumaqembu amane azoyibamba emqhudelwaneni iDstv Compact Cup. Amanye amaqembu azoyibamba kulo mqhudelwano ozobe udlala okokuqala kukhona iCoastal United FC, iWarriors FC neDinaleni FC.

Iqembu Amabutho lakhiwa ngamaqembu amane aqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal agijima kuDstv Premiership, lapho kubalwa AmaZulu FC, iLamontville Golden Arrows, iMaritzburg United neRoyal AM.

“Ukuqokwa ukuthi ngibe sezintini kube yinto engithuse kakhulu, ngoba bengingayilindele kwazise bengilimele imidlalo yasekupheleni konyaka bengingekho. Kodwa manje nguwumqemane. Ngiyabonga kakhulu kubalandeli abathathe ithuba bangivotela ekutheni ngiqale umdlalo wakusasa” kusho uMothwa.

Lo nozinti uthe kumjabulisile ukubona ukuthi abadlali abali-11 abazoqala umdlalo abahlanu baqhamuka kuSuthu. Kulabo badlali kukhona uTapelo Xoki, uLuvuyo Memela, uThabo Qalinge, u-Augustine Mulenga naye uMothwa.

Amabutho azovovana inkani neWarriors FC, ebophele abadlali abaningi abagijima ku-Orlando Pirates neKazier Chiefs. Lo mdlalo ozobe kungowesibili kowandulela owamanqamu uzoqala ngelesi-6 kusihlwa, owokuqala kuzotholana kuwona iCoastal United neDinaledi ngelesi-3 ntambama.

See Also

Le midlalo izobanjelwa kwelikabhanana, eMoses Mabhida Stadium.
“Siyazi abantu balokhu besitshela ngokuthi umdlalo onzima lo ngoba sizobe sibhekene nabadlali abathize, kodwa lokho akusho lutho kuthina nathi siyazethemba futhi sinabadlali abasezingeni eliphezulu” kulandisa uMothwa.

Ngonyaka wezi-2021 lo nozinti unqobe iCosafa Cup neBafana Bafana, waqopha umlando noSuthu ukuthi beqede endaweni yesibili bagcine bedlala umqhudelwano iCaf Champions League. Ube ngabanye bonozinti ababange umklomelo weGoalkeeper of the Season wezi-2020/21.

“Unyaka wezi-2021 ube ngomuhle kakhulu kumina, ngeke ngisho ukuthi nonyaka ngifisani. Okwami ukusebenza kanzima, imivuzo emihle izoqhamuka ekuphelezi kwesizini noma konyaka. Kwazi bani kungaba imina kule sizini onqoba umkomelo wonozinti ovelele. Umdlalo nomdlalo ngifunda into entsha ukuze ngizoqhubeka nokukhula” kubeka uMothwa.

Scroll To Top