USimphiwe Dana ugubha iminyaka engama-20 esendimeni yomculo e-Playhouse
Kunzima ukukholwa ukuthi sekuphele amashumi amabili eminyaka uSimphiwe Dana ahlaba umxhwele isizwe nge-albhamu yakhe yokuqala engaphelelwa yisikhathi, ethi, Zandisile. Yize sesilapha, eminyakeni engu-20 kamuva, sisashukunyiswa ngokujulile yizwi lakhe elimtoti nangendlela abhala ngayo amaculo athinta umphefumulo. Uma ukuthola kunzima ukuqonda ukuthi isikhathi sesihambe kanjani, awuwedwa neze. Leliciko eseliwole inqwaba yemiklomelo nalo lizizwa ngendlela efanayo.
UDana, oyiphayona ku-Afro-soul ne-jazz fusion, ucabanga ngohambo lwakhe ngomuzwa wokwesaba. “Uma ngilalela uZandisile, bese ngiphinde ngilalele engikudalayo manje, i-vocal evolution icacile,” usho kanje. “Kuyinkomba yokukhula kwami, kokubili njengomculi nanjengowesifazane.”
Ukuze ahloniphe lesisikhathi esiyingqophamlando, uDana uzothatha izethameli ohambweni olushukumisa umphefumulo ngochungechunge lwakhe lomculo endaweni ekhethekile yobusuku obubodwa kuphela. Abalandeli bangalindela ukuzwa ezakudala ezithandwayo kanye namanoni amasha, wonke alethwa ngothando namandla achaze umsebenzi wakhe.
Umgubho uzoba mhla ziyi-14 kuNhlangulana wezi-2025 ngo-7:30 kusihlwa, ePlayhouse Theatre eThekwini. Amathikithi atholakala eWebtickets, anenani eliphakathi kuka-R350 no-R500, inani elincane ongalikhokhela ngobusuku obunezwi lomculo elijulile laseNingizimu Afrika.
Noma ngabe umlandele kusukela ekuqaleni noma usanda kuthola umsebenzi wakhe, lobu ubusuku obungaphuthelwa. Lomgubho kaSimphiwe Dana weminyaka engu-20 uthembisa ukuthi uzoba ngaphezu kwekhonsathi, nokulindelekeukuthi uthanyelwe ngabalandeli bakhe baKwaZulu-Natal namaphethelo.

