Now Reading
Amanye amaqembu ezepolitiki awavumelani nokukhushulwa kwentela
Dark Light

Amanye amaqembu ezepolitiki awavumelani nokukhushulwa kwentela

Amanye amaqembu ezepolitiki ePhalamende afuna uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana azibophezele ekufukuleni umnotho uma esethula inkulumo yakhe yesabelomali ngoLwesithathu. Bafuna isabelomali sikhombise izinguquko emnothweni futhi sigxile ekunqandeni izikweletu futhi lamaqembu asekuvezile ukuthi amelene nokukhuphuka kwentela.

Imikhakha eminingana nayo izwakalise ukukhathazeka ngokuthi kuzokwenyuswa ukusetshenziswa kwezimali kumaBhizinisi KaHulumeni (ama-SOE). Khonamanjalo, osomnotho balindele Inkulumo Yesabelomali ezayo ukuthi iveze ukuqagela kwezomnotho okufana nalokhu okwethulwe eSitatimendeni Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi( Medium-Term Budget Policy).

UGodongwana uzokwethula isabelomali sakhe sokuqala ngaphansi kukaHulumeni Wobumbano . Yize kunoqhekeko phakathi kweMelika neNingizimu Afrika, osomnotho bakholelwa ukuthi kuningi okuhle nokungamathuba okusangavela ezweni.

See Also

Isikhulu sezomnotho kwaDeloitte Hannah Marais sithe inselelo izoba ukulinganisa imali emile nezidingo zezwe zokusebenzisa imali. “Ikakhulukazi futhi sibheka isigaba sesibili ‘se-Operation Vulindlela’, ekugcineni sandise ezinye zezinguquko eseziqalile. Seziqala ukuthela izithelo ngakho ekugcineni zinciphisa izingqinamba eziyisisekelo zokuhlinzekwa kwezidingo ekukhuleni okuxhumene kakhulu nomkhakha kagesi. Futhi ngokuya ngokuxhunyaniswa nomkhakha wezitimela nezimpahla ezithwala impahla kuzovula ukukhula esikhathini esimaphakathi.”

Scroll To Top