Now Reading
Osomnotho babikezela ukukhushulwa kwezimali kwezokuvikela ngaphambi kweSabelomali sowezi-2025
Dark Light

Osomnotho babikezela ukukhushulwa kwezimali kwezokuvikela ngaphambi kweSabelomali sowezi-2025

Usomnotho omkhulu enkampanini yabaxhumanisi, iPrice Waterhouse Coopers (PWC), uXhanti Payi ubikezela ukuthi uMnyango Wezokuvikela ungase ubone ukwenyuka kwezimali onikwa zona eSitatimendeni Senqubomgomo Yesabelomali sowezi-2025 sikaNgqongqoshe Wezezimali u-Enoch Godongwana eKapa namhlanje ntambama.

Emasontweni angaphezu kwamabili edlule, kwabulawa amasosha aseNingizimu Afrika ali-14 empini eyayiphakathi kwamavukelambuso e-M23 namasosha aseCongo empumalanga yeDemocratic Republic of Congo (DRC). Lokhu sekuqubule izinkulumo zokuthi ahoxe amasosha aseNingizimu Afrika ajutshwe e-DRC.

Ezinye izinhlaka ezinezwi ezweni, okuhlanganisa namaqembu epolitiki, zithi amasosha aswele izinsiza ngoba umnyango ungenayo imali.

UPayi uthe, “Indawo yokuqala esaziyo ukuthi izoshintsha kuzoba imali ebekelwe ezokuvikela. Yileyo ndawo ebesiyinqamula isikhathi esabelweni sezimali ngonyaka odlule ebonakale ikhula ngo-1% kuphela. Manje siyazi ukuthi osopolitiki bafuna ukwenyuswa okukhulu uma kubhekwa isimo esisibonile e-DRC namasosha aseNingizimu Afrika abulewe. Ngakho-ke sizobona ukukhuliswa kwalemali sibone ukwanda kwezindleko. ”

Ukunyuswa kwentela

Khonamanjalo, izinyunyana zabasebenzi zikhathazwa amahlebezi okuthi kungenzeka inyuswe intela futhi zifuna ukukhululeka emindenini empofu.

See Also

Ochwepheshe bakholelwa ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali, u-Enoch Godongwana, uzomemezela izinguquko zentela ezihlanganisa i-value-added tax (VAT), intela yeholo lomuntu siqu kanye nebhizinisi ukuze abhekane nokushoda kwemali engenayo.

Ngakolunye uhlangothi, uMgcinimafa Kazwelonke uthi isabelo sesabelomali sihlose ukulinganisa phakathi kokukhulisa umnotho nokweseka abasengozini. ICongress of South African Trade Unions (Cosatu) neFederation of Unions of South Africa (Fedusa) bathi bazosichitha isabelomali esihlongoza ukunyuswa kwentela.

Scroll To Top