Now Reading
Umhlaba wonke uzobe ubheke uMessi
Dark Light

Umhlaba wonke uzobe ubheke uMessi

Kulindeleke ukuthi adlale umdlalo wokuqala uLionel Andres Messi, egqoke ijezi leqembu laseFrance iParis Saint-Germain (PSG).

UMessi ngeledlule umangaze izinkumbi zabantu, ngokuthi angayivuseleli inkontileka yakhe neFC Barcelona yaseSpain. 

Kuliqiniso ukuthi akekho obebona uMessi ukuthi angagqoka elinye ijezi ngaphandle kwele FC Barcelona, kwazise ubesechithe impilo yakhe yonke naleli qembu.

UMessi waqale wadlalela iFC Barcelona C, wanyukela kwiBarcelona B.

Kuthe ngonyaka wezi-2004 wabe esenyukela eqenjini elikhulu, kusukela lapho akabange esabheka emumva. Udlale imidlalo engaphezulu kwama-500 wavalela phakathi amagoli angama-474. Unqobe iligi iSpanish La Liga kayi-10, umqhudelwano waseSpain iCopa Del Rey kayi-7, i-UEFA Champions League ka-4, i-UEFA Super Cup kathathu neFIFA Club World Cup kathathu.

IPSG isidlale imidlalo emibili yeligi kule sizini, iyinqobe yomubili le midlalo. Ihlule iTroyes ngamabili kwelilodwa, yehlula neStrasbourg ngamane kwamabili.

Kule mpelasonto iPSG izotholana neBrest, nayo esidlale imidlalo emibili yadlala ngokulingana  kuyona yomubili. Lo mdlalo uzodlala namuhla uzoqala ngele-20:00 eStade Frencis-Le Ble.

UMessi ubhekwe ukuthi asize iPSG ekutheni ikwazi ukunqoba iligi kule sizini, ngesizini edlule iFrench League 1 inqotshwe iLille. Lo mdlali uphinde wazithwalisa elikhulu ijoka lokuthi uzokwenza konke okusemandleni ukuthi asize iPSG ekutheni inqobe i-UEFA Champions League.

Leso isifiso esikhulu somphathi wePSG uNasser-Al Khelaifi ukuthi iqembu lakhe linqobe umqhudelwano we-UEFA Champions League ingakho ekhipha izizumbulu zezimali ukusayinisa abadlali abaseqophelweni eliphuzulu.

Leli qembu liphinde lasayinisa uGianluigi Donnarumma osize i-Italy yanqoba i-EURO 2020, u-Achraf Hakimi, uSergio Ramos noGorginio Wijnaldum.

Umhlaba wonke usulangazelele ukubona uMessi, uKylan Mbappe noNeymar Jnr besenkundleni.

Ongoti abaningi babona lingekho iqembu elizoma phambi kwePSG, kunamahebezi athi leli qembu lifuna ukuletha noCristiano “CR7” Ronaldo. Kodwa konke lokho kungenzeka uma leli qembu lidedela uMbappe aye kuReal Madrid emdinga kakhulu. 

Isiyonke imidlalo yeFrench League 1 kule mpelasonto ihlelwe kanje.

Namuhla

iBrest nePSG eStade Frencis-Le Ble ngele-20:00 

NgoMgqibelo

IMonaco neLens eStade Louis II ngele-17:00

ISt Etiene neLille eStad Geoffry ngele-21:00

See Also

NgeSonto

ILyon neClermont eGroupama Stadium ngele-13:00

IBordeaux ne-Angers eMatmut Atlantique ngele-15:00

IMetz neRems eStade Saint-Symphorien ngele-15:00

IMonterpellier neLorient eStade de la Masson ngele-15:00

IStrasbourg neTroyes eStade de la Meinau ngele-17:00

IRennes neNantes eRoazhon Park ngele-17:00

INice neMarseille e-Allianz Riviera ngele-20:45

Scroll To Top