Now Reading
Ziyaqina iziphakamiso zokuthi uNgqongqoshe wezokuVikela asule esikhundleni
Dark Light

Ziyaqina iziphakamiso zokuthi uNgqongqoshe wezokuVikela asule esikhundleni

I-Action SA isijoyine isiphakamiso sokuthi uNgqongqoshe wezokuVikela u-Angie Motshekga asule esikhundleni. Ilungu  lePhalamende le-ActionSA u-Athol Trollip useseke iziphakamiso zokuthi uNgqongqoshe ehle esikhundleni.

“Njengoba kuqinisekiswe uNgqongqoshe uMotshekga ngesikhathi ephendula umbuzo wami wasePhalamende, uthe ukuthunyelwa kwabasosha akunawo amasu futhi akulisizi ngalutho izwe… Eqinisweni, asikho isizathu esibambekayo sokuqhubeka nokuthi amasosha ethu abe seDRC. UNgqongqoshe u-Angie Motshekga kumele esule esikhundleni noma axoshwe ekupheleni kosuku. Amasosha ethu kumele abuye ngaphambi kokuphela kwale nyanga.”kuchaza uTrollip

NgoMsombuluko, iPhalamende libe nomhlangano okhethekile lapho bekudingidwa khona ukushona kwamasosha ali-14 aseNingizimu Afrika eDemocratic Republic of Congo (DRC). Amalungu eSouth African National Defence Force (SANDF) abulawa empini phakathi kwamavukelambuso e-M23 namasosha aseCongo emasontweni amabili edlule. Njengamanje izidumbu zalamasosha zise-Uganda ohlelweni lokubuyiswa.

Kumele sishenxe eDRC

See Also

Ngesikhathi kuqhubeka lo mhlangano, iLungu lePhalamende leDemocratic Alliance (DA) kwezokuVikela kanye noMakadebona Bezempi, uChris Hattingh, naye ucele ukuthi uMotshekga ehle esikhundleni.

“Ngelinye ilanga siyozazi izizathu zangempela zokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa aqoke u-Angie Motshekga njengoNgqongqoshe wezokuVikela. Okwamanje, kulula, akunangqondo. Siyavuma ukuthi baqinisile, akuwenzi umqondo. Ake ngikucacise lokhu. Sidinga ukuhoxa e-DRC ngokushesha futhi uNgqongqoshe uMotshekga kumele ashenxe esikhundleni. Ngenhlonipho noma ngenye indlela. Isikhathi sokubeka izaba sesiphelile,” kusho uHattingh.

Scroll To Top