Inkulumo yeSILO eMkhosini Wamaganu








Bantu bakaBaba,
Ezinsukwini ezintathu ngibe nethuba lokukhuluma phambi kweSishayamthetho saKwaZulu-Natal. Lokhu beku ngokokuqala kusuka ngangena eSibayeni saseNdlovini. Ingqikithi yenkulumo yami eSishayamthetho bekuyi ‘Khasi Elisha’.
Enkulumweni yami ngiphawulile ukuthi ngaleli khasi elisha sisho ukugcina lokho okuhle nokube yizifundo kithi njengesizwe. Ngibuye ngakuveza ukuthi ikhasi elisha leli lisho ukuqala izinto ezintsha.
Okunye engikushilo enkulumweni yami yisidingo sokuthi uZulu uzuze ngezinto ezingamafagugu. Imikhosi iyifagugu lethu njengoZulu. Yiyo esixhumanisa nezolo lethu, inamuhla nekusasa.
Lo mkhosi wamaganu esikuwo ungezinye zezinto ezihle esizoqhubeka nokuzigcina njengesizwe. Sizowugcina ngoba kuwo sifunda okuhle. Sifunda ukuxhumana kwemvelo kanye nesintu kanjalo nokuxhumana kwemvelo, isintu nomnotho.
Amaganu angumkhiqizo wemvelo. Awukudla kithi nasezilwaneni. Izindlovu zizitika ngawo njengoba nathi bantu sithola okuthile kuwo. Nokho amaganu lawa kawagcini lapho ngoba uma sizihlele kahle ayakwazi ukusidalela umnotho namathuba emisebenzi.
Mphathi wohlelo, Lokhu kukodwa kufakazela lokhu ebengikusho kokuthi uZulu kumele uzuze ngefagugu lawo.
Namuhla ngiyagqugquzela ukuthi yonke imiphakathi iphenye ngalokho okuyifagugu nokungenza umnotho ezindaweni abakuzo.
Ngiyajabula ukuthi uBukhosi bakwaTembe benza uMkhosi waMaganu njalo ngonyaka. Kuyafuneka basekwe njengoba neminye imiphakathi kumele yesekwe uma yenza imikhosi noma imicimbi eqhakambisa lokho okuyifagugu lawo.
Uma sibuka ukudlondlobala koMkhosi woMhlanga owavuselelwa yiSILO esidala sibambisene neGwalagwala okaSobhuza siyabona ukuthi ukubambisana kukahulumeni noBukhosi kungenza amasiko ethu abe ngumnotho kithi.
NjengeNkosi yenu ngiyafisa ukuthi lokho okwenzeka kwaNongoma ngoMkhosi woMhlanga njalo ngenyanga uMandulo kwenzeke nakwezinye izindawo. Kuliphupho lami ukuthi iNdlunkulu kaZulu esuke ihanjelwe zinkulungwane zabantu nayo ihambele eminye imiphakathi eyenza amasiko ayo.
INdlunkulu ngekaZulu ngakho kumqoka ukuba ixhumane noZulu. Ngesikhathi sokubusa kwami ngizoqinisekisa ukuba iNdlunkulu engiyiNkosana yawo yeseke yonke imizamo eyenziwa yimiphakathi eyahlukene.
Njenge Ndlunkulu kumele sazi ubumqoka ngokuhambelana nokuhambela eminye imiphakathi ngoba kulokho siyafunda ngamasiko ehlukene.
ISILO esingizalayo sasike sithi sona ‘siyisela’. Sithi asinamahloni ukweba lokho okuhle esikubona kwezinye izizwe, izinkolo namasiko. Nami ngeke ngibe namahloni ukufunda lokho okuhle okwenziwa ngezinye izizwe ngoba uNkulunkulu wasenza sonke saba nokuhle esingafundisana ngakho.
Bantu bakababa, Ngiyanigqugquzela ukuba nibuke ngale kukahulumeni uma nibheka ukwakheka komnotho ezindaweni zenu. Iqiniso lithi uhulumeni ngeke akwenze konke , kepha ngokubambisana nathi angenza okubambekayo. Ngiyanigqugquzela ukuthi nisebenzise ifagugu lenu ukwakha umnotho wendawo.
Omasipala ngiyabagqugquzela ukuba baseke aMakhosi nemiphakathi ekwenzeni umnotho ngamasiko endawo.
NjengeNkosi yenu ngiyathembisa ukuthi ngizokwenza konke okusemandleni ukuxhasa aMakhosi nemiphakathi esebenzisa ifagugu ukwenza umnotho wendawo.
IsiZulu sithi impendulo isemlotheni – nami ngithi impendulo enkingeni yomnotho ilele ekukwazini ukuhweba ngamasiko ethu. Khumbulani enethunga ayisengeli phansi.
Ngiyabonga