Now Reading
UMakhosazana ubheke ukwenza kahle emjahweni we-10km ngeSonto
Dark Light

UMakhosazana ubheke ukwenza kahle emjahweni we-10km ngeSonto

UMakhosazana Mhlongo uzimisele ngokwenza isikhathi esingaphansi kwemizuzu engama-37, kuHollywoodbets Durban Summer 10km. Lo mjaho ohlelwa iPhantane Athletics Club kaMdu Khumalo, uzokuba ngeSonto kusukela ngehora lesithupha ekuseni uzosukela uphinde uphelele khona eKings Athletics Stadium.

Kuzobe kungokwesibili ugijinywa kulo nyaka. Ekhuluma nelaboHlanga uMakhosazana  uthe amalungiselelo akhe aphazamisekile kancane. “Kusukela ngagcina ukugijima iComrades Marathon, umjaho wami wokuqala lo esiya kuwona. Emasontweni edlule bengizilungiselela  ngethemba lokuthi ngiqede ngibalwa nabathathu abaphambili. Kodwa lokho kubukeka kuzoba nzima,  ngithinteke idolo, kodwa odokotela bangixilongile akukho kubi. Ngizokwenza konke okusemandleni ukuthi noma ngingasaqedanga nabathathu, kodwa ngiqede umjaho ngesikhathi esingaphansi kwemizuzu engama-37,” kusho uMakhosazana.

Nyakenye lo msubathi odabuka eHammarsdale nogijima ngaphansi kweHollywoodbets Athletic Club, waphuma endaweni yesikhombisa ngesikhathi esiwu (00:37:00). 

Waba ngowesibili kwabaqeda kuqala kwabaneminyaka yobudala engama-35 kuya kwengama-39, elandela uLebohang Phungula owaqeda ngesikhathi esiwu (00:35:41).

Phambili ugijime iSA Half Marathon nayinqoba ngesikhathi esiwu-1.19:05. Nonyaka ugijime imiqhudelwano okubalwa iCapital City Marathon 21km washaya intambo kuqala ngesikhathi esiwu (1:25:08).

Kwaba iNedbank Runfied 50km waphuma engaweni kweyesi-9 ngesikhathi esiwu (3:38:33), kwaba iBest of the Best 21km khona yaphuma endaweni yesine ngesiwu-1:22:52.

Uphinde wagijima iComrades Marathon okokuqala kulonyaka, naqeda endaweni yama-38 ngesikhathi esiwu (07:38:08).

See Also

“Bekungokokuqala ngiyigijima kulo nyaka iComrades Marathon  kuningi engikufundile, Ngonyaka ozayo uzoba khona umehluko ngokwesikhathi engizoqeda ngaso ngoba ngifuna khona kube ngaphansi kwamahora ayi-7 besengiqeda nabali-10 bokuqala. Njengoba kuzoqala uLwezi ngizobe ngiqala ukuzilungiselela yona, ngifuna eyangonyaka ozayo ingifice ngeiyilindele” usho kanje.

NgeSonto uMakhosazana uzobe ebanga ukuyoshaya intambo nezintokazi ezinohlonze kakhulu kuleli banga lapho kukhona uZinhle Shabalala okunguye owadla umhlanganiso nyakenye ngesikhathi esiwu (00:34:48), elandelwa uCacisile Sosibo ngesiwu (00:34:53) noBlandina Makatsi ngesiwu (00:35:02). Abanye ababhekiwe uJanet Mbhele noLebohang.

Kwabesilisa nyakenye kwanqoba uCollen Mulaudzi ngesikhathi esiwu (00:28:30), walandelwa uTsepo Ramashamole ngesiwu (00:28:33) kwaba uNicholas Seoposengwe ngesiwu (00:28:42).Ozoshaya intambo  uzogoduka nezinkungwane ezingama-R30, olele isibili agoduke nezili-R17, ophume isithathu yena agoduke nezili-R12.

Scroll To Top