Now Reading
UKhongolose uzobeka phambili ohulumeni basekhaya: Ramaphosa
Dark Light

UKhongolose uzobeka phambili ohulumeni basekhaya: Ramaphosa

UMengameli we-African National Congress (ANC) uCyril Ramaphosa uthi bazokubeka eqhulwini ukulungisa ohulumeni basekhaya baseNingizimu Afrika.

URamaphosa ubekhuluma eMandela Park Stadium eKhayelitsha lapho iqembu belibungaza iminyaka eli-113. Ukuphawula kwakhe kuza ngesikhathi lapho omasipala kulo lonke izwe bedonsa kanzima ukuletha izidingongqangi kubahlali.

URamaphosa uthi ohulumeni basekhaya bebengasebenzi ngendlela obekufanele basebenze ngayo. “Okwesibili okuseqhulwini maqabane wukulungisa ohulumeni basekhaya nokuqinisekisa ukuthi ohulumeni basekhaya basebenza kahle. Njengoba sibheka ezweni lonke, sithola ukuthi indawo ebaluleke kakhulu kuhulumeni, okuwuhulumeni wasekhaya, ibingasebenzi ngendlela obekufanele isebenze ngayo. INational Executive Committee(NEC) inqume ukuthi kumele sigxile ekulungiseni ohulumeni basekhaya,” kusho uRamaphosa.

Ukuvuselelwa kweqembu 

Iqembu seliphinde laphakamisa ikhwelo lokuthi iqembu alizivuselele, lathi i-NEC ihlose ukwenza iqembu liphumelele ukufeza izinhloso zalo.

See Also

Lokhu kulandela ukulahlekelwa kwalo leliqembu amandla enningi okhethweni lwangonyaka odlule, lapho leli qembu libumbe uhulumeni wobumbano ne-Demoratic Alliance(DA) namanye amaqembu amancane, ukuze kubunjwe iGovernment of National Unity (GNU).

“Ukhongolose uzozivuselela, futhi uzakhe kabusha, ukuze uhlanganise bonke abantu baseNingizimu Afrika, futhi unikeze ubuholi obucacile, obunqumayo nobunokuziphatha kahle. Kungakho konke lokhu, iKomidi lesiGungu sikaZwelonke manje, limemezela ukuthi unyaka wezi-2025, kuzoba unyaka wokuvuselela, ukwenza i-ANC ibe yithuluzi elisebenza ngempumelelo kubantu, ukufeza umbono weFreedom Charter,” kusho uRamaphosa.

Scroll To Top