Ukhala ngesihluku seqembu akulona uNjomane



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Usola iMarumo Gallants ngesihluku unozinti odume ku-Orlando Pirates uBrighton Mhlongo osanda kukhonjwa indlela kuleli qembu laseLimpopo.
Ekuqaleni konyaka uMhlongo washaywa yibhola kabuhlungu ehlweni okuholele ekutheni odokotela bamphoqe ukuthi ayeke ukudlala ibhola.
Udaba lokukhonjwa kwakhe indlela kuGallants selusezithebeni zomehluleli ozimele ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL), iDispute Resolution Chamber (DRC). Exoxa nelaboHlanga, ulandise leli phephandaba ngesihluku esikhonjiswe yizikhulu zeGallants. “Akuyona imfihlo ukuthi mhla ziyisishiyagalombili kuMbasa ngalimala ehlweni. Ngemuva kwalokho ithimba lodokotela kuMarumo Gallants lixhumane nodokotela abaningi bamehlo abebengihlola. Bonke bavumelane ngazwilinye ukuthi angeke ngisakwazi ukubuyela enkundleni. Lokho kuphoqe ukuthi ngithathe umhlalaphansi,” kulandisa uMhlongo.
Lo nozinti uzinqobe zonke izicoco ezimqoka eNingizimu Afrika ngesikhathi esagijima ku-Orlando Pirates.
‘’Ekuqaleni kwesizini ngibuyele kuMarumo njengoba beyenza amalungiselelo okuqala kwesizini ngoba yize odokotela bengiphoqe ukuthi ngiyeke ibhola kodwa bengisanenkontileka nabo. Iqembu libe selifaka isicelo sesinxephezelo kumshwalense obhekelele abadlali abayeka ibhola ngoba bephoqwa wukulimala. Bengilekelela umqeqeshi wonozinti ngiphinde ngeluleke ozakwethu ngoba bengingafuni ukuholela amahhala. Okungiphoxe kakhulu wukuthi ngithe ngifika bese ngingenalo ijezi. Bese linikwe omunye umdlali ngaphandle kolwazi lwami. Bengilekelela nabaqeqeshi ngokwenza imibiko yemidlalo yeqembu ngoba bengingafuni nje ukuhlala ngihole ekubeni ngingasenzi lutho. Bengize ngisebenze ngisho imali yami uma sidlala ekuhambeni,” kuqhuba uMhlongo.
KuMarumo Gallants ufike kumasizini amabili adlule esuka kuBidvest Wits. ‘’Kuthe kusenjalo ngazithola ngingasaholi futhi nemali yokukhokhelwa kodokotela abangixilonga iso bebengasakhokhelwa. Kulapho-ke ngithathe udaba ngaludlulisela kuDRC. Bathe uma bezwa ukuthi udaba seludluliselwe kuDRC bangithinta ngemuva kwalokho bakhokha abebekukweleta. Ngize ngacabangela ngemali oyithola ngokusayina inkontileka ngathi abakhokhe ikota yemali ephelele. Imali yokusayina inkontileka bagcine bengayikhokhanga okwenze ngadlulisela udaba kuDRC. Ngemuva kwalokho bangithintile futhi becela ukuthi sixoxisane njengamadoda. Ngenze ubuntu ngoba bekungesiyona inhloso yami ukulwa nabo ngabalalela. Sivumelane ngomhla zingama-30 kuMandulo kodwa nawo ushaye waze wadlula ngingayitholile imali yami,” kusho uMhlongo.
Ngesizini edlule ubeyingxenye yeqembu leGallants elidle ubhedu kuNedbank Cup. “Umshwalense yiwona obayalele ukuthi bangiholele baphinde bakhokhe izindleko zodokotela njengoba udaba lwami lusahlaziywa. Uma umshwalense usukhokha yiwona ozobe usukhokhela iqembu izindleko zodokotela. Yize bekukhona zonke lezi zinxushunxushu ngiqhubekile ngazinikela eqenjini. Ngosuku lwesithathu kuLwezi ngiyalelwe ngumqondisi wethimba losomaqhinga ukuthi ngingabe ngisalubhada ejimini. Ngibatshelile ukuthi bangibhalele incwadi echaza ngokumiswa kwami ukuze ngithole abammeli bangenelele ngiludlulisele kubona udaba. Ummeli wami wabathumelela incwadi echaza ngokuthi sekuzohlanganwa enkantolo yePSL ngoba bahlulekile wukugcina izethembiso,” kubeka uMhlongo.
UMhlongo uzohlomula ngezigidi ezi-R4 kulandela ukuphoqwa wukulimala ukuthi ayeke ibhola. Iqembu angaphansi kwalo lizothatha uhhafu walesi samba.
“Ngemuva kokubathumelela incwadi baphendule ngeyabo engibeka amacala. Kuyona le ncwadi bathe iqembu lizongitshela ukuthi udaba lwami luzolalelwa nini ngaphambi kwekomidi eliqondisa ubugwegwe. Amacala abebengibeke wona alalelwe ngomhla zintathu kuLwezi. Kuthiwe ngiphuthe emsebenzini izinyanga ezintathu. Ngivele ngamangala ngoba izinsuku engiphuthe ngazo emsebenzini yingesikhathi ngiyalelwe ngudokotela. Mhla zingamashumi amabili nantathu kuNtulikazi angizanga ngoba ngangiyobona udokotela. Uma ngifika ekomidini eliqondisa ubugwegwe ngibakhiphele ubufakazi bokuthi bengikhona ejimini ngalezi zinsuku abathi bengiphuthile ngazo. Icala lihlehliselwe uMsombuluko ngoba belungene ngoLwesihlanu.” kuchaza uMhlongo.
IDRC kulindeleke ukuthi ikhiphe usuku lokulalelwa kodaba lukaMhlongo maduze nje.
“NgeSonto ngithole ucingo luvela kumenenja weqembu ecela ukuthi ngithumele i-imeyli kumehluleli wecala ngithule ubufakazi bami. Ngicela ukuthi anginike izinombolo zikamehluleli kodwa wanqaba. Unginike i-imeyli kodwa nayo oyibonayo ukuthi isanda kuvulwa. Ngibuthumelile ubufakazi. NgoLwesibili ngithole incwadi ethi sengixoshiwe ngoba ubufakazi bami abubambeki. Njengamanje udaba lukuDRC.” kuphetha uMhlongo.