OKlebe bazophenya ngezinsolo zokuputshuka kwemiphumela kamatikuletsheni: Gwarube
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Abomthetho sebeqalile ukuphenya ngokuputshuka kwemiphumela kamatikuletsheni wezi-2024. Kuhlanganisa oKlebe kanye ne-State Security Agency.
Lokhu kulandela ukucasuka komphakathi ngemibiko yokuthi inkundla ezimele ye-inthanethi ibidayisa imiphumela ngama-R100 ngaphambi kokuthi uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uSiviwe Gwarube akhiphe imiphumela ngokusemthethweni namhlanje kusihlwa. Abaningi bayabuza ukuthi inkundla iluthole kanjani ulwazi olubucayi kangaka.
Ekhuluma nabezindaba esidlweni sasekuseni sabenze kahle kakhulu eGoli, uGwarube uthe uMnyango wakhe usola ukuthi ukuputshuka kwemiphumela kwenzeke ekupheleni kwezinhlelo zokukhishwa kwemiphumela.
UNgqongqoshe uthi bakuthatha njengento ebaluleke kakhulu lokhu yingakho kufakwe oKlebe ukuze baphenye ngalolu daba. “Siphenya kwa-DBE ukuthi izinhlelo zethu zephuliwe yini noma cha futhi sizobhekana nakho. Uma sike saba yizisulu zobugebengu be-inthanethi kusho ukuthi sibhekana nabo ngeState Security kanye noKlebe.”

