Now Reading
Kuliwa nokuqedwa nya kwezinkulumo ezicwasayo
Dark Light

Kuliwa nokuqedwa nya kwezinkulumo ezicwasayo

IKOMIDI loMnyango Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo seliwubeke ezithebeni zomphakathi nezinhlangano ezithintekayo uMthethosivivinywa omayelana Nokuvinjelwa kanye Nokuqedwa Kwezinkulumo Ezihlambalazayo Nokucwasa.

USihlalo Wekomidi uNks uMadipoane Refiloe Moramadi Mothapo uthi balindele ukuphawula okwehlukene ngalo mthethosivivinywa obizwa ngePrevention and Combating of Hate Crimes and Hate Speech Bill.

Uthi izethulo zizokwenziwa ngokubhalwa phansi, kanti kulindeleke ukuba zithunyelwe ngaphambi komhla zingama-31 kuMasingana ngowezi-2019.

Ngokusho kukaNks uMoremadi Mothapo inhloso enkulu yalo mthethosivivinywa ukugcina nokulandelela konke okukuMthethosisekelo wezwe okuphathelene namalungelo abantu.

Uqhuba uthi okunye okusemqoka ukwenza isiqiniseko sokuthi iNingizimu Afrika isemgqeni ngokuhlonishwa kwamalungelo abantu emhlabeni ikakhulukazi okuthinta ukucwasa ngokwebala, ukucwasa kwabantu bokufika nokungabekezelelani.

Uma lo mthetho usuphasisiwe uzokwenza kube yicala ukucwasa nokusho izinkulumo ezidicilela phansi isithunzi somunye umuntu.

Abantu abayolahlwa amacala alolu hlobo bayobhekana nokushushiswa banikwe nezigwebo ezibafanele.

UNks uMoremadi Mothapo uthi noma okwamanje beqhakambisa ukuthi izethulo zenziwe ngokubhala phansi, kodwa umphakathi uzonikwa nethuba lokuzenza ngomlomo.

Ngonyaka odlule iNkantolo yeMantshi eRandburg eGoli yagweba uVicki Momberg iminyaka emithathi walengiselwa owodwa emuva kokutholwa enecala, lokwehlisa isithunzi abohlanga.

UNkk uMomberg wasebenza igama elinokucwasa abaMnyama oluqala ngohlamvu u-k izikhathizi ezingama-48 eqondise emaphoyiseni abaMnyama ayemsiza emuva kwesigameko sokushaywa kwewindi emotweni yakhe kwathathwa izinto.

Kwivideo eyathathwa ngelanga lalesi sigameko uyazwakala ememezela ekhala “ngezinga lokuhlakanipha kwamaphoyisa aMnyama” eGoli.

See Also

Ikhipha isigwebo kuleli cala iMantshi uPravina Rugoonandan yathi wonke umuntu unelungelo lokuhlonishwa emphakathini.

Wathi amaphoyisa ayemsiza ayewufake uphelele umfaniswano futhi ezimisele ngayo yonke indlela ukusiza kodwa yena wawehlisa isithunzi.

NgoMasingana wezi-2016 owayengumdayisi wezindlu eScottburgh uNkk uPenny Sparrow washiya angalazi ngabaMnyama emabhishi aseSouth Coast ebafanisa nezinkawu ezingcolisa ulwandle.

I-ANC yamvulela amacala ngenkulumo yakhe. INkantolo Yezokulingana i-Equality Court yagweba uNkk Sparrow oneminyaka yobudala engama-71 inhlawulo yezi-R150 000 emuva kokuvuma amacala akhe wakhokha nenhlawulo ye-R5000 ngoba ebalekela ijele.

Mayelana nomthethosivivinywa iPrevention and Combating of Hate Crimes and Hate Speech Bill izethulo zomphakathi zizolalelwa yiPhalamende.

Scroll To Top