Maningi amabhizinisi azimisele ngokuxhasa uKhongolose ngezimali ngemuva kokungenzi kahle okhethweni: Ramaphosa
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli we-ANC uMnu uCyril Ramaphosa uthi i-African National Congress (ANC) ibone ukuzimisele kakhulu kosomabhizinisi ukuyixhasa ngezimali yize leliqembu lingenzanga kahle okhethweni. Okhethweni lwangoNhlaba ngonyaka odlule, i-ANC yehle yaba ngaphansi kwama-50% okhethweni lukazwelonke okokuqala ngqa eminyakeni engama-30.
URamaphosa uthi iqembu nokho lilindele ukuhlanganisa imali eyanele ukuxhasa imisebenzi yalo. Ubekhuluma emcimbini wokugubha usuku lwegalofu lwe-ANC eRondebosch, eWestern Cape, njengengxenye yokugubha iminyaka eyi-113 lasungulwa leliqembu.
“Njengoba amavoti ethu ehlile, sithola ukuthi sekuphinde kwavuka umdlandla nokwesekwa kosomabhizinisi.. Ngakho-ke, sijabule kakhulu ngokuthi sinabalandeli abayikhonkwane,” usho kanje.
URamaphosa uthi usekubheke ngabomvu nokusingatha amazwe eG20 ngasekupheleni kwalo nyaka lapho kuzodingidwa khona izindaba ezahlukene ezihlanganisa nokutshala imali eNingizimu Afrika. URamaphosa ubekhuluma ngesikhathi kugujwa usuku lwegalofu likaMengameli we-ANC ezinkundleni zemidlalo iRondebosch Golf eWestern Cape namuhla.
Iqembu lamazwe e-G20 lizokwehlela eNingizimu Afrika kulo nyaka lapho uRamaphosa ezomela izimfuno ze-Afrika emhlabeni jikelele. URamaphosa uthi igalofu lizoba ngenye yezindlela lapho ezoyenga khona izinhloko zemibuso ehlukene ukuthi zixoxisane ngezinkinga zomhlaba.