Now Reading
Amalobolo e-EFF angase abalekise abakhongi
Dark Light

Amalobolo e-EFF angase abalekise abakhongi

Iqembu i-Economic Freedom Fighters alizimisele ngokugcagca kwa-ANC

 

KUVAMILE ukuthi nxa kukhona izinkulumo zokuhlanganisa imindeni kube khona abakhongi abasuke bebonisana ngodaba olusuke lusezithebeni. Kulezi zinsuku nakupolitiki yaseNingizimu Afrika kunjalo njengoba abakhongi bamaqembu behla benyuka bezama ukuhlanganisa ukukhuluma. Iqembu elisengomakoti kupolitiki yoHulumeni Bezindawo i-Economic Freedom Fighters (EFF) seliphenduke inoni. Leli qembu seliqhamuke nenani eliphezulu kulabo abafisa ukuba ngabalingane ikakhulukazi iqembu elibusayo. IBAYEDE iye koshicilelwa izimfuno noma imibandela ye-EFF ku-ANC kuwukuthi kumele ihoxise uMengameli wayo kanye nowezwe uMnu uZuma esikhundleni sobuMengameli.

Lokhu kubukeka kungumlayezo wokuthi leli qembu aliyifuni i-ANC njengomlingani ngoba emlandweni alikho iqembu elingashayela elinye umthetho ekutheni lenzeni ngobuholi balo. NgokoMthethosisekelo we-ANC uMengameli ukhishwa ngevoti emhlanganweni wayo.

Umhlaziyi wezepolitiki ozinze kwaNqondonkulu yaKwaZulu-Natal, uMnu uZakhele Ndlovu ephawula ngalolu daba uthe i-EFF izidlalela nge-ANC uma ithi kumele igudluze uMengameli wayo.

“Kuyacaca ukuthi ayiqondile ukuba kuxoxiswane. Phela i-EFF yazi kahle ukuthi ngeke i-ANC ikuvume lokho ukuba kususwe uMengameli wayo.” Khona lapho uNdlovu  uthe futhi akaboni ukuthi izingxoxo phakathi kweDA ne-EFF zizophumelela ngenxa yemigomo ye-EFF kwezomhlaba nokufakwa kwezimayini ngaphansi kukaHulumeni.

See Also

“IDA yiqembu lomacaphuna kusale futhi abasaphethe umhlaba. Ngakho ngokwami i-EFF isenkingeni kuwona womabili la maqembu ngakho kumele ithele igazi phansi ingahehwa yizikhundla ngoba ukusebenzisana kwayo ne-ANC ngeke kwehle kahle kubantu abayivotele. Uma benza njalo kuyoba sengathi badayise ngabantu abayivotele. Phela kumele sikhumbule ukuthi iningi labantu abavotele i-EFF basuka ku-ANC ngoba benganelisekanga kuyona.” Okunye okuvelile kuleli sonto wukuthi i-EFF kanye namanye amaqembu aphikisayo asezinhlelweni zokwenza umbimbi lokuqinisekisa ukuthi uKhongolose kawuzitholi izihlalo ezenele ukubusa komasipala kuleli.

Okucacayo kulezi zingxoxo wukuthi omakoti bayazi ekugcineni bafunani kubakhongi kepha njengoba kwejwayelekile lapho kukhongelwa khona umgcagco, izinkulumo ziqala kukubi kungekho ofuna ukugoba uphondo kepha lithi liphakama ilanga kube sekukhona okubambekayo. IBAYEDE iye koshicilelwa kusesekuseni.

Scroll To Top