Now Reading
Ukwesula kukaDkt uNdlozi njengelungu lePhalamende akwethusi: Umhlaziyi
Dark Light

Ukwesula kukaDkt uNdlozi njengelungu lePhalamende akwethusi: Umhlaziyi

Umhlaziyi wezepolitiki uMnu uSanusha Naidu uthe ukwesula kukaDkt Mbuyiseni Ndlozi we-EFF ePhalamende akwethusi nhlobo.

I-Economic Freedom Fighters (EFF) isikuqinisekisile ukuthi uyasula ePhalamende. Nokho, uzoqhubeka abe yilungu leqembu. UNdlozi akalubhadanga engqungqutheleni yesithathu yokukhetha ubuholi yaleli qembu ngoZibandlela  nyakenye.

UNaidu uthi ithonya likaNdlozi kwezombusazwe lisekhona. “Uma ulandela okwenzeka ngonyaka odlule ngemuva kokhetho lapho uke waba nomuzwa wokuthi konke kwakungahambi kahle ekhempini ye-EFF, kwaba nemibuzo ngobudlelwano phakathi kwezikhulu eziphezulu. UDkt uNdlozi uyindoda ehlakaniphe kakhulu, uyakwazi ukuphatha kahle izindaba zePhalamende nePhalamende. Noma engaba yilowo muntu ohlala eyilungu elijwayelekile, umbuzo ungaba ukuthi lolo hlaka luzoba kanjani,” kusho uNaidu.

Scroll To Top