Now Reading
Amajita asebuka ngale kwe-Afcon
Dark Light

Amajita asebuka ngale kwe-Afcon

ABADLALI beqembu lesizwe lakuleli labangaphansi kweminyaka engama-20 Amajita, bathi nakanjani bazobalwa namaqembu amane azomela i-Afrika ePoland ngoNhlaba lapho kuzobe kudlalelwa khona iNdebe YoMhlaba.

Amaqembu amane azomela izwekazi i-Afrika azovela emva kwe-African Cup of Nations (AFCON), ezobanjelwa eNiger. Lo mqhudelwano uzoqala kusasa uze usongwe mhla zili-17 kwephezulu.

Amajita aqeqeshwa uThabo Senong aseqoqweni A lapho eqhathwe khona neNiger engosokhaya, iNigeria esinqobe lo mqhudelwano amahlandla ayisi-7 kanye neBurundi. Eqoqweni B kukhona iSenegal, iMali, iBurkina Faso kanye neGhana.

Eqoqweni ngalinye mabili amazwe adlulela esigabeni somkhumulajezi, lawo mazwe iwona azomela i-Afrika ePoland.

UKobamelo Kodisang ogijima eqenjini lasePortugal iSanjoanense FC ekhuluma ngalo mqhudelwano uthe: “Kuyangithokozisa kakhulu ukuthi ngikhethwe eningini ukuthi ngimele izwe. Imiyalelo yomqeqeshi siyazi kahle eyokuthi senze iNingizimu Afrika iziqhenye ngathi. Ngikulungele ukuthi ngisize iqembu lifi nyelele kowamanqamu noma siwunqobe lo mqhudelwano. Sonke singabadlali ekhempini sinokukhulu ukuzethemba kokuthi sizoya ePoland.”

Leli qembu liza kulo mqhudelwano nje lihambela phezulu njengoba nyakenye ngoZibandlela linqobe iCOSAFA Cup eZambia.

See Also

Omunye umdlali okubeke kwacaca ukuthi nakanjani bayaya ePoland wuPromise Mkhuma

ongukaputeni weMamelodi Sundowns kuMultichoice Diski Challenge (MDC). UMkhuma uthe: “Indlela yethu yokuya ePoland iqale eZambia nyakenye, ngoba besifuna ukuthi sithi sifi ka kulo mqhudelwano (i-AFCON) sibe sesiyiqembu eliqinile. Imiqondo yethu icabanga into efanayo ukuthi sinqobe imidlalo emithathu yamaqoqo. Lokho kobe sekusho ukuthi siyaya ePoland. Uma sesidlulele esigabeni esilandelayo sobe sesilwela ukuthi siwunqobe lo mqhudelwano njengoba senzile nakuCOSAFA Cup.”

Scroll To Top