Now Reading
Abezindaba abangazothi ngesifuba ezaseNdlunkulu
Dark Light

Abezindaba abangazothi ngesifuba ezaseNdlunkulu

UMntwana uthi kababike ngokuyikho bangalingeki ngokotha izindaba zakoMkhulu ngesifuba, bazosha

Usuku lwanamuhla luqale ngemibiko ephikisanayo mayelana nokuhoxiswa kwalowo obenguNdunankulu kaZulu, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi. Kuthe kusa namuhla kwakhona amaziko abezindaba abebika ngokuthi kunencwadi “ISILO esinqabile ukuyisayina”. Nokho kuthe kuphakama ilanga kwabe sekuvela ubufakazi bencwadi ebiqinisekisa ukumiswa kukaShenge. ElaboHlanga linayo lencwadi esayinwe mhla zingama-25 kuZibandlela.

Ephawula ngalokhu okhulumela ISILO ezindabeni zoBukhosi, uMntwana uSiphiwe uthe: “Kuyishwa ukuthi abanye kwabezindaba basetshenziswa ukusabalalisa okungeyikho. Simangele uma sifunda ukuthi kuthiwa kunencwadi engasayiniwe emisa uShenge. Okusobala wukuthi loyo obesabalalisa lokhu usebenzise abezindaba nabo abangene kunoxhaka,” kusho uMntwana.

Uqhubeke wathi: “Iqiniso lithi ISILO simumisile uNdunankulu. Uyitholile incwadi uNdunankulu emazisa ngalokho. Othi kukhona okunye kanikwe inkundla achaze ukuthi yena lokho ukuthathaphi.”

See Also

Exwayisa abezindaba uMntwana uthe: “Abezindaba kumele bazivikele kubantu ababasebenzisa ukubhala okungekho ngoBukhosi. Abezindaba kababike ngokuyikho bangalingeki ngokotha izindaba zakoMkhulu ngesifuba, bazosha,” kusho yena.

Scroll To Top