Umbhekaphasi okhuluma kancane enze kakhudlwana



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Umnikelo wakhe usezinhlanganweni eziphathelene nolimi kanye nezisebenzisa lolu lwimi. Ubelokhu engamile ukunikela ekubhalweni kwesichazamazwi sesiZulu
Ungomuye wabantu abahlonishwa kakhulu emkhakheni wezolimi. Loyo nguMnu uNhlanhla Xala onguMhluzi Omkhulu kuBAYEDE, Iphepha laboHlanga.
Njengomuye walabo ababa ngabokuqala kuleli phephandaba uMpethwane (abakwaXala) usekubone konke futhi waba ludondolo nomkhombandlela ekuqhubekeni kwalo kusuka kokushicilelwe kuze kuba liba kulokho okutholakala ngobuchwepheshe.
Kubo bonke abantu okhuluma nabo ngale nsizwa yaseJikishoba eTholeni kwelaseMnambithi kukhona ukuvumelana ekutheni uXala ungeke umuzwe ekhulumela phezulu ungomunye wabantu okumele ngabe izwe liyabasebenzisa njengoba lificwe yisikhathi sokufadalala kolwethunga ezikoleni, emaphephandabeni, ePhalamende nasemsakazweni.
Ekhuluma ngothando lwakhe lolimi uXala uthe uthando lolimi lwatshalwa ngumkhulu nabazali bakhe. Umkhulu wayekwazi ukukhuluma izilimi ezingaphezu kweshumi kungezendabuko nezimbalwa zangaphesheya kwezilwandle. Unina wamcija kakhulu olimini lwesiZulu eseyingane owayeqinisekisa ukuthi akhulume isiZulu ngendlela efanelekile nokuyiyo. Ngakolunye uhlangathi uyise wayethi: “Ongakwazi ngolimi lwakho ngeke ukwazi ngolunye ulimi.” Kuze kube namhlanje la mazwi asambusa nawo asabusa engqondweni yakhe.
Yile minxa yomithathu eyamkhuthaza ngolimi. Wayethi noma efunda ngezinye izilimi kodwa ukukuqonda lokho okulethwa ngezinye izilimi akuqonde ngokolimi lwakhe isiZulu. Lokhu kwamsiza ukuba asheshe abambe okufundwayo ngoba wayekuletha olimini lwakhe ngokwenhlalo nangokwempilo ephilwa yithina kobantu. Lokhu kwakwenza ukuthi ukucabanga kwakhe kungafani nokomnini wolimi alethelwa ngalo ulwazi.
Ukuncela Nokuncelisa
Usebalulile ukuthi unina wamncelisa ilimi. Abafundisi bolimi emazingeni ehlukene emfundo baba nomthelela omkhulu ekunceleni kwakhe olwethunga. Wagcina eba nothando lokucofiya isakhiwo nokuhleleka kolimi olwatshalwa nguMnu uMthimkhulu owayebathwasisa kwezokufundisa e-ETTC eVryheid ngowe-1968 nowe-1969.
Kuthe esefika enyuvesi Ongoye akaze akhohlwa amazwi kayise wanamathela kulo ulimi isiZulu waze wenza iqhuzu iMA. Uqhube izifundo zesiZulu ngaphansi koSolwazi uSD Ngcongwane, uSolwazi uJB Hlongwane noSolwazi u-AC Nkabinde.
Abantu akhula nabo nasebenza nabo bamkhulisile olwazini lolimi ngezindlela ezahlukile. Uncelise abafundi emazingeni aphansi naphezulu eMlokothwa High School ngowe-1976 nowe-1977. Kwezemfundo ephakeme njengasemanyuvesi usize abafundi bonyaka wokuqala ngowe-1978 engumlekeleli wabafundisi. Ngawo lowo nyaka wabangomunye abaqala Isichazamazwi SesiZulu ngaphansi kweso likaSolwazi u-AC Nkabinde kubanjiswene noDkt uMO Mbatha, uGT Khanyeza, uNP Khumalo noN Sikhakhane.
Uncelise kakhulu abafundi besiZulu beNyuvesi iZululand ophikweni oluseMlaza, Umlazi Campus kule minyaka; ngowe-1980 kuya kowe-1984 nangowe- 1988 kuya kowezi-2004. Ubuye waqeqesha wacathulisa labo abathwasela ukufundisa isiZulu emakolishi eMpumalanga College of Education ngowe-1985 kuya kowe-1987 nasemanyuvesi e-UKZN e-Edgewood Campus ngowezi-2005 kuya kowezi-2012.
Iminikelo
Unikela ezinhlanganweni eziphathelene nolimi nakulezo ezisebenzisa ulimi isiZulu. Unikele enhlanganweni yeBhayibheli iBible Society of South Africa esethimbeni elibheka ulimi. Ubelokhu engamile ukunikela ekubhalweni kwezichazamazwi zesiZulu. Uyanikela enhlanganweni ebhekela izilimi ezweni iPanSALB kulokho okuphathelene nolimi isiZulu kusukela ngowezi-2009 kuze kube manje. Lapho ube yingxenye yokwakhiwa kwemithetho yokubhala ulimi isiZulu. Uba yingxenye yokwakhiwa kwamatemu esiZulu e-UKZN ngaphansi kwe-UCDP (University Capacity Development Program); kwaKZN DAC nakuDAC Kuzwelonke. Ube ngomunye wabalekelela abafundi bakamatikuletsheni ngaphansi kwenhlangano yababhali Usiba kusuka ngowe-1986 kuya kowezi-2016. Uke wanikela ephephandabeni elingasabonwa UmAfrika ngengosi ethi; ‘Siphonsa Itshe Esivivaneni’ kusuka ngowezi-2001 kuya kowezi-2013.
Kukho konke lokhu asekwenzile ungeke umuzwe uMpethwane ezikhukhumeza kunalokho ukhuluma kancane kepha enze kakhudlwana.
- ISigqiki yingosi entsha yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakha eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast.