Konke sekusezandleni zabalaleli ngezohlukanisa unyaka kuKhozi FM
Njengoba sezidumela emansumpeni ngaphambi kokugoqa owezi-2024, izinkulungwane zezakhamuzi zakuleli ezingabalaleli bomsakazo uKhozi FM zichathuhlanya ngalesi sikhathi.
Abalaleli balomsakazo bavulelwe ithuba lokuba bavotele amaciko/ingoma abayithandayo abafuna kube yiyo ezohlukanisa unyaka wezi-2024 kubhekwe kowezi-2025.
‘Ingoma Ehlukanisa Unyaka’ yaqala ngeminyaka yawo-1990 ngesikhathi Ukhozi FM ludlala izingoma ezazishisa izikhotha ngaleso sikhathi. Ngokuhamba kwesikhathi lo msakazo washintsha isitayela wavumela abalaleli ukuthi baqoke futhi bavotele ingoma abafuna idlalwe ngesikhathi sesiphambano.
Emveni kwezikhalazo ezivele kubalaleli eminyakeni embalwa edlule ngendlela okuqokwa ngayo ingoma evelele obekusingathwa ngayo lomsakazo ube sewumemezela imithetho emisha ezolandelwa ekuqokweni kwezingoma ezishisa izikhotha zokuphela konyaka.
Ngokusho kwabaphathi boKhozi FM, abalaleli kufanele baqoke izingoma eziyishumi ezihambe phambili eziphume mhla lu-1 kuMasingana 2024 kuya zingama-31 kuMfumfu wezi-2024.
Ukuqokwa kwazo kwavulwa mhla lu-1 kuLwezi, kwavalwa ngoLwesihlanu, zili-15 kuLwezi.
Nakuba lomsakazo ugxile ekusakazeni okuvamile, kulonyaka kumele ushayelwe ihlombe ngokwenyusa izinga ekuhleleni ukuqokwa kwezingoma ezivelele.Isiqubulo sabo sigcizelela ukuba omakhonya kulendima, nemihlomulo ekhona ihamba emazwini abo. Kuyimanje zibambene phezulu kubaculi abasohlwini lwezingoma eziyi-10 ezincintisanayo. Lokhu kubonisa ukusebenzisana okunamandla phakathi komsakazo namaciko, nokuhlonipha abalaleli okuyibo injini yalomsakazo.
Sebebonke abaculi abaqokiwe yilaba: Woodblock DJS (Skuta Baba), Thokozani Langa (Thokoza), Mthandeni SK noMaWhoo (Gucci), Allen noMaster KG, BigZulu noCharlotte Lyf ( Unobuhle), Malungelo noRethabile Khumalo, Nokwazi noDJ Ale (Uyavela), Malini (Uthunyelwe Abadala), Mjolisi noMnqobi Yazo (My Dululu), Blaq Major (Sdakiwe Sbali), Andile KaMajola (Liphakanyisiwe), Zintle Kwaaiman noMpumi kanye noTorque MuziQ (Sabela).
UNksz uSbongi Ngcobo obeyisikhulu kulomsakazo, wakucacisa ukuthi isiteshi asiwabali amavoti, kodwa abalwa ngumhlinzeki wesevisi obala amavoti bese ewayisa kubahloli bamabhuku bangaphakathi beSABC ukuze bawaqinisekise.
UNgcobo waphinda wanxusa abalaleli ukuthi baqoke futhi bavotele izingoma ezishisa izikhotha abazikhonzile hhayi abaculi ababathandayo kuphela.
Umthelela wesiko lentsha nezinkundla zokuxhumana ezifana neTikTok ne-Instagram awunakuphikwa kulesi sinqumo. Lezi zinkundla zenze izinguquko ekusetshenzisweni komculo, zanikeza abaculi ithuba lokufinyelela kubalandeli nabathandi bomculo ngendlela engakaze ibonwe ngaphambilini. Izitayela ezivamile zivame ukuvela kulezi zinkundla, okwenza izingoma zibe nodumo ezweni.
Ngaphezu kwalokho, amaciko asemasha aseNingizimu Afrika aphusha imingcele yobuciko, azama imisindo emisha futhi ahlanganisa izinhlobo zendabuko nezitayela zesimanje ezifana ne-amapiano ne-hip-hop. Lokhu kuhlanganisa kwakudala nokusha kubonakalisa ukunotha kwamakhono abadidiyeli bomculo bakuleli, ekuqhakambiseni izinto ezithandwa izizukulwane ezindala nezintsha.
Ukuqhakambiswa kweNgoma Ehlukanisa Unyaka kusebenza njengenkundla ebalulekile yamaciko asafufusa, ewanikeza ithuba lokuthola ukuvezwa nokuqashelwa. Ngokukhombisa amakhono ahlukene emculweni waseNingizimu Afrika, Ukhozi FM ludlala indima ebalulekile ekukhuliseni nasekuxhaseni ukukhula kwemboni.
Ukudlalwa kwengoma evelele emisakazweni eyahlukene kubonisa indlela umculo odlalwa ngayo eNingizimu Afrika esikhathini sedijithali. Ngokwamukela izitayela zanamuhla kuyilapho iziteshi zihlala zithembekile kumgomo wazo oyinhloko wokugubha umculo kanye nokukhuthaza umuzwa wobunye besizwe.