Now Reading
UMsunduzi uqikelela imigomo nemiyalelo
Dark Light

UMsunduzi uqikelela imigomo nemiyalelo

UMasipala yiwo oba semehlweni abantu kuHulumeni njengoba kuwuHulumeni wasekhaya.

Njengoba kuqale ukhuvethe eNingizimu Afrika, owokuqala owabanjwa nalesi sifo wakhonjwa eMsunduzi. 

Ukuqhubeka kokubhebhetheka kwalesi sifo kwaphoqelela ukuthi uMengameli wezwe, uCyril Ramaphosa, avale izwe mhla zingama-26 kuNdasa. 

IMeya kaMasipala uMsunduzi, uMzimkhulu Thebolla iqeda izinsuku ezingama-250 yaba yiMeya yeNhlokodolobha yaKwaZulu-Natal.

UThebolla waqokwa kulesi sikhundla emva kokuba uMsunduzi ungene ngaphansi komlawuli. Okuhlukile ngoMsunduzi esifundeni uMgungundlovu wukuthi iwona onesibalo esiphezulu sabantu abazinze kuwo uma uqhathaniswa nabanye omasipala abakha uMgungundlovu.

Elandisa iBAYEDE uThebolla, uthe: “Ukuqala kokuvalwa kwezwe kwakuyinto entsha kithina sonke, sasikulesi sigaba sokungazi okuzokwenzeka, kepha obekumqoka kithina ukwenza isiqiniseko sokuthi okuwumklamo kaMasipala siyakwenza, okuwukuguqula impilo yabantu ibe ngcono, siphinde sibe uHulumeni osondelene nabantu.”

UMsunduzi unabantu abangama-60% eMgungundlovu, okusho ukuthi okwenzeka khona kuthinta impilo yabantu abaningi kulesi sifunda. 

Uqhube ngokuthi emva kokuhamba kwesikhathi sebethola ukuthi ukuvalwa kwezwe kusebenza kanjani, babe sebeqala sebebeka okumele bakwenze njengoMasipala. “Kusuka ngosuku lokuqala lokuvalwa kwezwe asibanga nazinkinga edolobheni njengokuba nabantu abaluvanzi nabangawuhloniphi umthetho, kwaqala mhla kuholwa okokuqala isibonelelo sikaHulumeni ukuthi kube nabantu abaningi lokhu okwenza ukuthi uma sekuholwa isibonelelo sesibili kuvalwe izwe sibize labo abasebenza ukuwelisa izingane zesikole ukuthi basilekelele ngokuqapha abantu ukuthi bayakwenza yini okulindeleke kubona kanye namabhizinisi ukuthi ayayilandela yini imigomo yokuvalwa kwezwe,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi ngenxa yokufuna ukuvikela izakhamuzi zaseMsunduzi, sebenqume ukuthi kube umsebenzi kaMasipala ukuqapha abantu ezikhungweni zokuholela isibonelelo sikaHulumeni, ukuqinisekisa ukuthi lelo banga okumele lisale phakathi komuntu oseduze kwakhe liyagcinwa. “Laba esibacelile ukuthi basilekelele bahamba ngezinyawo idolobha lonke uma uhamba ungasifakile isimfonyo bayakubuza kanjalo noma uhleli phansi ukuthi uhlaleleni ngoba izwe livaliwe umuntu kumele enze akuzele bese ephinda ekhaya,” kulanda iMeya.

Ithe ifisa izakhamuzi zikhumbule ukuthi izinga lesi-3 sokuvalwa kwezwe alisho ukuthi sekukhululekiwe kepha ukuthamba kweminye yemigomo eyayibekiwe ukuze kufukuleke umthetho. Kusukela kwaqala ukuvalwa kwezwe eMsunduzi benza indawo yabangenamakhaya  abanye babo abahlala emgwaqeni. 

“Ukuqoqa abangenamakhaya sakwenza ngoba sihlose ukuvikela abahlala emgwaqeni bangahaqwa yileli gciwane. Abantu abahlala kuleliya khaya bangama-250 abesilisa babe ngama-50 abesifazane. Akusikhona ukuthi bayahlala nje kuphela kepha bahlinzekwa ngokudla kathathu ngelanga, izingubo zokugqoka nokunakekelwa kwezempilo,” kulanda uThebolla. 

IMeya ithe uMasipala usebenzisana nezinhlangano ezingenzinzuzo, uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi nenhlangano yamabandla, iKwaZulu Natal Christian Council (KZNCC), ukuqoqa imnikelo kwabafisa ukuphonsa esivivaneni. 

“Ukunquma ukusebenza nalezi zinhlangano neminyango ebhekana nempilo yabantu ingoba iningi labantu abahlala kulezi ndawo selingene ezidakamizweni, okubenza basingathwe ngobuchule futhi kuqondwe ababhekene nakho, yingakho kunezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi bayakhekha.”

Uqhube wathi sebeqale ukuthola kulaba ukuthi yini abafisa ukuyenza ngokwezemfundo ngoba bayakholwa ukuthi umuntu ungena emkhakheni anothando lwawo.

See Also

IMeya ithe uMasipala uyahlangabezana nezinkinga ukuqhuba umsebenzi kuleliya khaya, eyokuqala ukuqoqa imnikelo ngoba uMkhandlu awukwazi ukuziqoqela wona usunqume ukuthi usebenzisane neKZNCC. 

“Isithombe sikaMasipala asisihle kubantu ngenxa yokuthi sangena ngaphansi komlawuli lokhu okwenza abantu bangabaze ukuthi bafake imali yabo, yingakho sanquma ukusebenzisana nalezi zinhlaka zomphakathi esikholwa ukuthi izakhamuzi zizothembela kuzona,” kusho iMeya.

Iveze ukuthi sebeqoke inkampani ebulala amagciwane efika njalo ezakhiweni zikaMasipala. “Siyaqinisekisa ukuthi kulezi zindawo ezingena amalungu omphakathi abaluwa njalo amagciwane. Nasemahhovisi ethu lokhu kuyenziwa ngoba siyakholwa ukuthi uma singavikela izisebenzi zethu kobe kusho ukuthi sivikela nemindeni yazo okuzokwenza uMsunduzi ophephile.” 

Ithe baqale ngokwena lokhu emarenki. “Ngesikhathi kuseyizinga lesi-5 amarenki ethu ayevaliwe amatekisi ema ngaphandle ngoba babebancane abantu yilapho-ke sathola ithuba lokukhuculula amarenki. Ngenkathi sesingena ezingeni lesi-3 sesilindele umthamo omningi wabantu. Ngesonto eledlule siqoke inkampanai ezokhuculula wonke amarenki ukuze kuvikelwe abantu bakithi,” kusho iMeya. 

Idalule ukuthi kukhona isisebenzi emakethe kaMasipala esatholakala sinokhuvethe. Ithe: “Sisebenzisana noMnyango Wezemvelo noWokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya senza isiqiniseko sokuthi imakethe iphephile kubathengi nasezisebenzini. Ngokungenelela koMnyango Wezempilo izisebenzi  namalungu omndeni wakhe baba ku-isolation ngenhlanhla akekho owayesathelelekile.”

Iphethe ngokuthi selokhu kwaqala ukuvalwa kwezwe izisebenzi zikaMasipala ziqoqa imfucuza eziyilanda ngokweqisa isonto. “Ukuvalwa kwezwe kusinikeze ithuba lokuthi sikhuculule idolobha, sibone nezinto eziyinkinga edolobheni, esikutholile ukuthi izinwele nezindwangu zivala izitamukoko edolobheni, sibonile ukuthi kuzomele siqinise isandla kulezi zindawo ezenza lezi zinto ngoba kubukeka zizosidalela inkinga kakhulu, manje sesisibuyisile isithunzi sedolobha lethu, okumqoka ukuthi siligcine linje.” kusho iMeya uThebolla.

Scroll To Top