Bathi banqobele umqeqeshi uchungechunge



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ibamangazile indlela abadlale ngayo kwazise baye kule midlalo ebinzima bengekho abadlali babo abamqoka
Umdlali weqembu lesizwe lekhilikithi laseNingizimu Afrika uLara Goodall uthi ukunqoba kwabo imidlalo ewuchungechunge bakwenzele uHilton Moreeng ongumqeqeshi.
IMomentum Proteas inqobe uchungechunge lwemidlalo ye-One Day International (ODI) ibhekene ne-India. Emdlalweni emihlanu elakuleli linqobe emine lahlulwa kowodwa.
“Umqeqeshi wethu usiseke kukho konke singabadlali beqembu. Indlela asiphatha ngayo iyafana kuthina sonke ngaphakathi nangaphandle kwenkundla. Ingakho emva kokuthi sinqobe lolu chungechunge sibonge yena sathatha njengokuthi besinqobela yena,” kusho uLara.
Ukunqoba kweMomentum Proteas kwenze yenyuka ezilinganisweni zamazwe emdlalweni weWomen’s One Day International (WODI).
Elakuleli lihlezi endaweni yesibili emhlabeni emva kwe-Australia Women.
“Kuhlezi kunzima ukubhekana ne-India, iyaziwa ukuthi inomlando omuhle kulo mdlalo. Ukunqoba lolu chungechunge kuyinto enkulu kuthina, besizibona sizonqoba kanzima kodwa kwavele kwalula. Size kuleli zwe ngaphandle kwabadlali abamqoka kodwa ngenxa yokuthi sihlangene siyiqembu sakwazi ukunqoba,” kusho uLara.
Abadlali abebengekho kulolu chungechunge nguDane van Niekerk (ongukaputeni), uChloe Tryon, uSunne Luis noTrisha Chetty. Bonke laba badlali balimele.
Ezinye izindaba ezinhle eqenjini ezika Lizelle Lee, owenze ezibukwayo wabe esekeliswa phezulu emhlabeni kulaba abashaya amabhola (batting) emdlaweni yosuku olulodwa. Ungowokuqala kwabesifazane eNingizimu Afrika ukukeliswe phezulu. Omunye obalwa nabali-10 emhlabeni kwabashaya amabhola nguLaura Wolvaardt yena okeliswe endaweni yesi-8.
Kwabashwibayo ohamba phambili eNingizimu Afrika uShabnim Ismail okleliswe endaweni yesi-3, kulandele uMarizanne Kapp kweyesi-4 no-Ayabonga Khakha endaweni yesi-9.
UPunam Raut naye ongumdlali weMomentum Proteas, uncome abadlali abancane abakhombise ukuzinikela.
“Kusikhuthaze kakhulu ukunqoba lolu chungechunge. I-India akulona izwe elilula neze ingakho ibalwa namazwe ali-10 aphezulu emhlabeni. Iyingozi i-India uma ikuthole ungazilungiselele iyabukisa ngawe. Yize besizilungisele besizitshela ukuthi izobukisa ngathi ngoba sitholane nayo ngaphandle kwabadlali bethu abamqoka. Abadlali abancane badlale kahle kakhulu, bakhombisile ukuthi kungani beseqenjini lesizwe,” kusho uRaut.
Uncome uHilton ngokukwazi ukukhanda iqembu yize kukhona abadlali abebengekho.
La mazwe asezotholana emdlaweni weT20 International emithathu.
Umdlalo wokuqala uzoqala kusasa eBharat Ratna Shri Cricket Stadium, owesibili uzokuba ngeSonto kuthi owokugcina ube mhla zingama-23 kwephezulu.
IMomentum Proteas ibhuquzisa i-India nje ngoMasingana wakulo nyaka ibukise ngePakistan emidlalweni ebibanjelwe eThekwini.
UHilton ubongele abadlali bakhe ngokuzimisela.
“Abadlali benze into encomekayo kakhulu, indlela abadlale ngayo bebhekene nePakistan ibihluke kakhulu. Ngeke sifakele abadlali ingcindezi yokuthi sesifuna ukuhlala esicongweni emdlalweni yosuku olulodwa, kuzokwenzeka uma sekufike isikhathi,” usho kanje.