Now Reading
UJanine udalula okumenze washiya amaqembu aphesheya
Dark Light

UJanine udalula okumenze washiya amaqembu aphesheya

Akasayingeni eyokuyodlala phesheya kwezilwandle ukaputeni weBanyana Banyana uJanine Van Wyk osegijima eqenjini JVW Football Club okungelakhe.

Le ntokazi eneminyaka engama-34 ubudala ibikade igijima kuGlasgow Celtic okuyizinkunzi zaseScotland. Inkontileka yakhe naleli qembu akazange ayivuselele. Usekhethe ukubuyela ekhaya. Ujoyine iqembu lakhe elidlala kuHollywoodbets Super League. Ingxoxo yakhe noZipho Singela (ZS) ihambe kanje:

Zipho Singela (ZS): Ngabe yini ekwenze wakhetha ukubuyela eNingizimu Afrika ngemuva kokuchitha isikhathi eScotland?
Janine Van Wyk (JVW): Angisazimisele ngokuyodlala emaqenjini aphesheya kwezilwandle. Abekhona amaqembu abefuna ngizodlala kuwona phesheya kwezilwandle kodwa ngathatha isinqumo sokubuyela ekhaya ngizogxila eqenjini lami. Iqembu lami likhula ngesikhulu isivinini. Ngendlela elikhula ngakhona angikwazi ukwenza ezinye izinto uma ngikude nalo. Njengamanje lingidinga eduze. Kuyimanje kunzima ngisho ngiseduze. Awucabange-ke ukuthi uma ngiphesheya kwezilwandle kungabalukhuni kangakanani ukwenza ezinye izinto.

ZS: Kube yisinqumo esinzima kangakanani ukushiya phesheya kwezilwandle uzogxila eqenjini lakho eMzansi?
JVW: Phesheya kwezilwandle ngidlale emazweni ahlukene nasemiqhudelwaneni emikhulu. Bengibhekene nenkulu ingcindezi uma ngiphesheya kwezilwandle ngoba bengingakwazi nokuba yingxenye yeminye imihlangano yeqembu emqoka. Yingakho ngikhethe ukubuya ngizodlala lapha ekhaya bese ngigxile ekukhuliseni iqembu lami ngiseduze. Nakanjani noma yimuphi umdlali kwezemidlalo ufuna ukudlala ezingeni eliphezulu. Bekungelula ukuthi ngithathe isinqumo sokushiya phesheya kwezilwandle kodwa ngithathe isinqumo ngoba ngicabangela ikusasa. Kwesinye isikhathi empilweni kumele ucabangele ikusasa, nami ngenze njalo. Lena yingane okuzomele ngiqhubeke nokuyikhulisa uma sengiyeka ukudlala Ibhola. Ngidlale e-USA, eScotland naseDenmark. Akukhona ukuthi angikaze ngidlale nhlobo phesheya kwezilwandle. Umuzwa wokudlala phesheya ngiyawazi. Njengamanje okumqoka wukulungiselela impilo ngemuva kwebhola.

ZS: Ngabe usuhlela ukuthatha umhlalaphansi yini?
JVW: Ngicabanga ukuthi ngisasalelwe amanye amasizini amathathu ngaphambi kokuthi ngithathe umhlalaphansi. Isifiso sami wukusiza iqembu lami ekutheni linqobe izicoco, ngidlale eNdebeni YoMhlaba okokugcina neBanyana bese ngiphakamisa isicoco se-African Women’s Championship.

See Also

ZS: Ngabe yini eyakwenza wakhetha ukusungula iqembu lakho lebhola ngowezi-2013?
JVW: Esikhungweni sethu sibophele amantombazane angaphezu kwe-100. Lokhu kiyangijabulisa ngoba amathuba afana nalawa abengekho ngesikhathi ngisakhula. Thina sasiphoqeleka ukuthi sizicije nabafana okuyinto eyayingelula neze. Kwakunezingqinamba zakhonaa amantombazane amaningi ayedlala iHockey, ibhola lomnqakiswano noma agxile kwezokusubatha. Inhloso ngokusungula iqembu bengifuna ukuvala lelo gebe ngiphinde nginike namantombazane ithuba lokufeza amaphupho awo. Okuhle wukuthi iqembu likhula nje nebhola labesifazane liyathuthuka nalo lapha ekhaya. Kuyamangaza ukuthi saqala namantombazane ali-13 ngesikhathi sisungula iqembu kodwa manje sesibophele amantombazane angaphezu kwe-100. Kuyajabulisa ukubona iqembu likhula ngale ndlela.

ZS: Yini ukhiye ngempumelelo yeqembu?
JVW: Ukuhleleka kweqembu yikhona osekulenze laba kuleli zinga elikulona njengamanje. Asigcini nje ngokukhumbuza amantombazane ngokuzinikela enkundleni kodwa siyawafundisa ngezindlela ezifanele zokuziphatha ukuze aphumelele. Sithatha amantombazane anekhono lokudlala ezingeni elikhokhelayo. Amantombazane aseGoli asenhlanhleni ngoba alikho elinye iqembu elenza lokhu esikwenzayo kwezinye izifundazwe. Iqembu libophele nabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu besifazane.

Scroll To Top