Intaka ibekelwe amazolo kuKing Cetshwayo July



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kulindeleke ukuthi libe likhulu kakhulu izinga kumqhudelwano womtelebhelo wamahhasi iKing Cetshwayo July, ezokuba kusasa ngoMgqibelo e-Airfield, eMpangeni kusukela ngehora leshumi ekuseni. Okuzodala ukuthi ushube kakhulu lo mqhudelwano ukuthi amahhashi alithemba lesifundazwe iKwaZulu-Natal, ngeke avume kuphinde kunqobe ihhashi lakwesinye isifundazwe.
Kumahhashi alithemba lesifundazwe iNxakanxaka, iTrouble Maker, u-Albany, Inkinga noComputer. Ngempelasonto edlule bekuneDundee July Rural Horse-Racing kumjaho omkhulu eyagcina inqotsthwa uLindani Dube waseVolksrust, eMpumalanga owagoduka nezinkulungwane ezingama-R300. Lokho kwashiya abantu abaningi bedangele kwazise babebheke ukuthi isicoco sisale KwaZulu-Natal bethembe ihhashi elabe liyimfivilithi uNxakanxaka owagcine elale endaweni yesihlanu.
UDecember Nkosi ongumnika kaTrouble Maker utshele elaboHlanga ukuthi kulokhu isicoco sizosala KwaZulu-Natal. “Kulokhu ngeke sivume isicoco siphumele ngaphandle kwesifundazwe. Sizokulwela kakhulu lokho. Ihhashi esilithemba iNxakanxaka kwazise selike lasilwela izimpi ezinjengalezi phambili, futhi lidala. Okwenzeke kuyena uNxakanxaka eDundee ngeledlule, ngikholwa ukuthi ngeke kumuphinde kulo nyaka” kusho uNkosi.
Nyakenye umjaho waseKing Cetshwayo wanqotshwa uyena uNxakanxaka kanti endaweni yesibili kwalala uTrouble Maker.
“UTrouble Maker asibhekile ukuthi enganqoba, usamncane usabuye enze izinto ezenza sihluleke ukuthembela kuyena. Okunye kwakho ukuthi kuke kube nzima ukusuka kuyena makuqalwa, asuke ngesikade. Ngejubane kodwa uyagijima kakhulu. Njengoba eneminyaka emihlanu nje usazozidlala izicoco” kubeka uNkosi.
Abadidiyeli balo mjaho ozobe unemijaho eli-10, bakuqinisekisile ukuthi ihhashi elizodlala umhlanganiso kumjaho omkhulu lizogoduka nezinkulungwane ezingama-R300. Kanti ilinganiselwa kwizinkulungwane ezingama-R990 imali okulindeleke icazelane abazonqoba.
UDube onqobe iDundee July ogibela u-Alpha & Omega uthe uzodlala imiqhudelwano emibili, uzophinde agibele uNkanyiso. Uphinde washo ngaphande kokungesabi ukuthi uzokuphinda akwenze eDundee bese eziphindelela eMpumalanga.
IKing Cetshwayo July ayigcini ngamahhashi kuphela kodwa ihlanganisa ubuciko. Imicimbi kulindeleke ukuthi iqale namuhla ngoLwesihlanu isongwe ngeSonto. Kuzovula iCarnival Street Parade, kube umjaho wamahhashi okuzophindwe kukhangiswe ngenqephu, bese kuvala idili lomculo okuboshelwe abaculi abadumile. NgeSonto kuzobe sekuvalwa ngeCar Spinning.