Izilimi zoMdabu ezikhathini zobandlululo
Lapha siqhubeka nombhali uMxolisi “Bra Ace” Mgxashe isosha lePAC, elisilobele encwadini yalo ethi: Are you WITH US? The Story of a PAC Activist. Lasilobela ngezilimi zebele ekhasini le-188, ukuthi uDe Wet Nel, iBhunu elalingungqongqoshe woMnyango Wezokulawulwa KwaboHlanga, wayeyiBhunu elalikhuluma kuqala ulimi lwesiXhosa ngaphambi kokuba akhulume ulimi lwesiBhunu abathi yi-Afrikaans nolwesiLungu abathi yi-English.
Wayengowokuqala uDe Wet Nel, kubizwa ngaboHlanga ngokuthi uSomakhonkco okuchaza umxhumanisi. Nanjengoba kwakungumphathijele uSomakhonkco, abemqaphele ejele ukuthi wayenobuhlakani njengoDe Wet Nel.
Lowo mphathijele wayesebenzisa ukukhuluma noma wayekhuluma ngendlela yolimi lwabo kwezepolitiki kanye nemizwa yabo, yethu ngendlela elalimphumelelisa. Lalibapholisa lapho selibona ukuthi basebediniwe bengane unwabu futhi babengase bavukele okuthile, besekhuluma nabo ngomoya ophansi ngesiXhosa ethi: ’Hhayini madoda. Kutheni, naziphatha okwamakhwenkwe. Musani ukungxama, kusaphethe abelungu okwangoku. Liyeza elenu ixesha’.
Kwakuyinkulumo eyayinjena yolimi lwebele lwesiXhosa, eyayilisebenzela iBhunu elalingumphathi wejele, ababeboshwe kulona, nelethiwa kwathiwa uSomakhonkco ngamaXhosa, njengoba etha noma aqamba uDe Wet Nel ngokuthi uSomakhonkco okuchaza umxhumanisi.
Kwakungulowomphathijele, uSomakhonkco kuphela owayekwazi ukuxhumana nabo njengeziboshwa futhi eshesha nokubabona ukuthi kwakukhona ababengase bakwenze ejele. Wayebezwa ngisho bekhuluma bexuba ulimi lwesiXhosa nesiTsotsi.
Kwakusenguye umphathijele, owayezama ukuzwelana neziboshwa ngenxa yokuthi wayekhuluma ulimi lwesiXhosa kanye nezinye izilimi zaboHlanga. ma uqaphela, uzoqonda ukuthi kwakungelula ukuba iziboshwa zikhulume noma kanjani,noma yini ngolimi lwebele lwaboHlanga, galomphathijele eseduze kwabo.
Ekhasini lama-211, 212, 213, 214, silobelwa nguMgxashe ukuthi eseLesotho ngowe-1962, izinyanga ezaziyisi-8,waze wafunda nokukhuluma kancane ulimi lweSeSotho. Yingakho wayeluzwa ulimi lweSeTswana, njengoba wayephendula umhlengikazi wasesibhedlela iDerdepoort Hospital eRustenburg, eMafeking, wayekhuluma iSeTswana. Kwamumangaza kakhulu lowomhlengikazi.
Wafika eFrancistown, eBotswana mhlaziyi-14 kuMandulo ngowe-1966. Nangenkathi ebuza ngolimi lweSeTswana, indlela eyayiya eMochudi kowesifazane omdala waseBotswana. Nanokuthi ulimi lwesiSeSotho ayelufunde kancane eLesotho, lwamsebenzela.
Wazenza intatheli eyayiyocosha udaba lomdlalo webhola unobhutshuzwayo. Wathunga insumansumane ukuzichaza ukuthi wayengubani, wayeqhamukaphi futhi wayeya kuphi, etshela lowowesifazane omdala owayengunhlokoyomuzi.
Waqhubeka nendlela,waphumula komunye umuzi. Bamqabela kulowomuzi ukuba aqhubeke nohambo lwakhe,bathi akalale kwabo,ngoba babembonile ukuthi wayekhethele eyingcuba.
Ubaba wakhona wayekhuluma ulimi lwebele isiZulu phaqa.Kwakungenkathi bekhuluma ngezasezimayini, behlisa ngomqombothi, utshwala ngolimi lwaseKapa, lwakubo isiXhosa. Kanti futhi kubizwa ngokuthi umqombothi ngolimi lwesiZulu.Bese kuthi ngolimi lwesiSeTswana kuthiwe:Bojwala jwa SeTswana.
Kuzisho khona ukuthi kwabalula kuMgxashe ukuhlala naboHlanga abakhuluma ulimi lweSeTswana njengoba wayesazi kancane iSeSotho,ayesifunde eseLesotho, izinyanga ezaziyisi-8, ngowe-1962.
Yinto efanayo nencomekayo,uma owoHlanga waKwaZulu,ofunde ukukhuluma imbijana noma kancane ulimi lweChiVenda, SeTswana, seSotho, SePedi, XiTsonga/SiShangane nezinye. Ngokuvamisile awubi ngoxwayayo uma abanye boHlanga bekhuluma izilimi zebele zasemakubo, zasemaxhibeni.
Nalapha ungaqaphela ukuthi kungaba into enhle kangakanani ukuba sonke nami ngizibale, ngakwazi ukuqala ngokuba nodlebe ngezilimi zaboHlanga bakithi ngaphambi kokuba sicathule ngokuzikhuluma kancane izilimi zabo.
Kukodwa nje lokho, kungakhulisa amaxhama okuxhumana, okuthula, okubumbana, entuthuko nawezikamoya.Kungenza kube lukhuni kwabezizwe ukusixova, ukusingena, ukusihlukanisa sengathi basuke bekukhonzile ukwedlua owoHlanga wakini.
Ngamanye amazwi yizilimi zebele zethu thina bantu abamnyama sonke ngothi lwethu,kusukela kosopolitiki ngabanye,engabe sivama ukuziqhakambisa ngeqiniso. Ngoba vele kusobala ukuthi asikwazi ngisho ukusungula isigxubho samazinyo,amapeni nokunye ngokwemiqondo yethu.

