Now Reading
Uvele kwezwakala uNomvelo emkhakheni obukhonywa abesilisa
Dark Light

Uvele kwezwakala uNomvelo emkhakheni obukhonywa abesilisa

Uma ukhuluma ngophromotha besifazane abaphakamise isibhakela njengoba kade kubukeka sesifadalele, ngeke lasala ngaphandle igama likaNomvelo-Magcaba Shezi.

Le ntokazi ifike kwezwakala, ayinaso isikhathi esingakanani inguphromotha kodwa isihlonishwa ngendlela eyisimanga ngemisebenzi yayo emihle.

UNomvelo Magcaba-Shezi (osesithombeni) weMvelo Boxing Promotions, uneminyaka yobudala engama-30 nokumenza ebemncane kunabo bonke ophromotha eNingizimu Afrika. IMvelo Boxing Promotions wayisungula ngonyaka wezi-2016, nonyaka izoqeda unyaka wesikhombisa ikhona.

Ekhuluma nelaboHlanga ngohambo lwakhe kulo mdlalo uthe: “Ngawuqala ngineminyaka eyisikhombisa, ngalwa esigabeni se-amesha isikhathi eside. Ngingenile kwesikhokhelwayo, kodwa izinto azihambanga ngendlela ngoba kwakunzima ukuthi ngithole izimpi, kwase kungiphoqa ukuthi ngilwe ezingaphezulu kakhulu kwesisindo engilwa kuso ngoba ngangingafuni ukuhlala isikhathi eside ngingangeni eringini. Ngabe sengiqoma ukuthi ngibe uphromotha ngoba yinto leyo okwakuyiyona engabe ngiyifisa, inhloso enkulu ekubeni uphromotha kwabe kuwukusiza amabhokisa aqhamuka ezindaweni zasemakhaya angalitholi ithuba lokuziveza,” kusho uMagcaba-Shezi.

Le ntokazi edabuka kwaXimba, eCator Ridge isalwa kuma -Amesha yalwa izimpi ezingama-57 yanqoba ezingama-54 induku kwaba into eyayithola ezimpini ezintathu kuphela. Yakwazi ukuthola izindondo ezintathu zegolide kumqhudelwano waminyaka yonke obizwa ngamaSouth African Local Government Association (Salga) Games ngonyaka wezi-2008, 2009 nangowezi-2010. Akagcinanga lapho kodwa ube iFemale Best Boxer kathathu, wanqoba izindondo zegolide ezine kowe-SA Female Games neyesiliva eyodwa.

Nyakenye iMvelo Boxing Promotions yaba sematheni njengoba yakwazi ukuqhatha uMoruti “Babyface” Mthalane, le ntokazi ithe into leyo iyohlezi iziqhenya ngayo.

“Inhloso yokuqhatha uMthalane kwabe kuwukuthi ngizibone ukuthi angikho lapho engikhona ngephutha. Lola suku kwaba usuku oluzohlezi lusemlandweni kumankomane. Okunye kwabe kuwukuthi ngingagcini ukuqhatha izimpi zosomankomane abasakhula, kodwa nabahlonishwayo kulo mdlalo,” kusho uMagcaba-Shezi.

UMthalane waseLutheni elwa empini yakhe wayebhekene noDionel Doicos wasePhilippines, nayinqoba ngamaphuzu. Uthathwa njengenkunzi emhlabeni esisindweni se-flyweight, njengoba aphanyeka amagilavu emgibeni emuva kweminyaka engama-22 eyibambile kwezamankomane kusukela ngonyaka wezi-2000. Kule minyaka uwine ibhande laseMzansi, elomhlaba le-IBF kabili, ele-IBF International, ele-IBO neleWBC Silver. Ezimpini ezingama-43 wanqoba ezingama-40.

UMagcaba-Shezi uthe njengoba benejimi bazisele ngokususa osomankomane abasuka kwi-Sanabo beze esibhakeleni esikhokhelwayo.

“Inhloso ukuthuthukisa lo mdlalo, bese sisiza intsha ekutheni nayo ikwazi ukubeka isinkwa ekhaya. Iqiniso ukuthi imali etholwa ibhokisa uma lilwa, iyawenza umehluko. Ingakho kulo nyaka sizothatha abaningi osomankomane abaqhamuka esibhakeleni esingakhokhelwa,” usho kanje.

See Also

Akagcini ngokuba uphromotha uphinde abe nguNobhala weKwaZulu-Natal Profesional Boxing Federation nakwinhlangano yeKwaZulu-Natal Promoters Association.

Ngaphandle kokuba uphromotha uNomvelo uphinde abe ngusonhlalakahle  nosomabhizinisi emkhakheni wokwakha njengoba enenkampani elungisa imigwaqo ayiqambe ngokuthi Ukukhunya Trading PTY (Ltd). Emkhakheni wokuba ngusonhlalakahle uhweba ngaphansi kweMvelo Youth Empowerment.

Uneziqu azithola e-University of South Africa (UNISA) ophikweni lwaseMgungundlovu ngonyaka wezi-2014.

Uthe ohambeni lakhe kwezamankomane ubonga umndeni wakhe, umkhwenyana wakhe uMongameli Shezi, uMhlengi Maxase ongumzala wakhe nomalume wakhe u-Alex Mchunu okunguye owamfaka kulo mdlalo nabo bonke abamusekayo. UMchunu unguyise kaThabiso “The Rock” Mchunu.

Abanye besifazane abangophromotha kukhona uZandile Malinga weStarline Boxing Promotions, uMbali Zantsi weShowtime Boxing Promotions yase-Eastern Cape kube uHlengiwe Sithole weHle-Jobe Boxing Promotions.

Scroll To Top