Now Reading
Kuvela imfihlo ngempumelelo kaHappy Jele ovuselele inkontileka yakhe neZimnyama
Dark Light

Kuvela imfihlo ngempumelelo kaHappy Jele ovuselele inkontileka yakhe neZimnyama

UJele ongukaputeni weqembu wafika kweZimnyama ngo-2006 esuka kuWalter Stars eyayidlala kuVodacom League esiyaziwa nge-ABC Motsepe League.

Kusukela lapho akabange esabheka emuva. NgoLwesithathu iPirates imemezele ukuthi yelule inkontileka kaJele ngeminyaka emibili.

Engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga, imenenja kaJele, uJazzman Mahlakgane iveze izizathu eziholele ekutheni uJele avuselele inkontileka yakhe.

“Imfihlo kaHappy Jele kuPirates wukuthi uyalithanda iqembu, usebenza kanzima futhi indlela yakhe yokudlala inomgqigqo. Lezi izinto ezintathu ezenza uHappy abeyidlozi lePirates njengamanje. Usehlale kuPirates iminyaka engaphezu kwengama-15. Usethubeni lokudlala iminyaka engama-20 eqenjini elilodwa. Kungenzeka lokho,” kusho uMahlakgane.

UJele kade ewa evuka neZimnyama. Ubekhona ngesikhathi iPirates idla izicoco eziyisithupha amasizini amabili elandelana.

Uphinde wayibamba kuCaf Champions League leli qembu liguqiswa yi-Al Ahly kowamanqamu ngo-2013.

“IPirates ikhethe ukuvuselela inkontileka kaHappy ngenxa yokuzinikela kwakhe nokusebenza kanzima elwela iqembu kuyona yonke le minyaka. Uma umuntu ekhombisa uthando kuwena kumele nawe wenze okufanayo. NePirates yenze njalo kuHappy. USihlalo weqembu (u-Irvin Khoza) uyakuthakasela uHappy asekwenzele iqembu. Akuyona inhlanhla nje ebeke uHappy kuleli zinga akulo njengamanje. Ukuphokophela impumelelo nokuzikhandla yikho okumbeke lapho ekhona manje,” kuqhuba uMahlakgane.

KweZimnyama uJele usedlale imidlalo engama-333 selokhu afika ngo-2006.

“UHappy ubalwa nabadlali abahole iPirates besabancane. Lokho kukodwa kwakuziyimpawu zokuthi uyakude. Yingakho nje iPirates ingafuni ukumdedela. Ngifuna ukuyibonga iPirates ngalokho ekwenze  kuJele. Yebo, sengibongile kuyona kodwa ngoba nakhu sesikhuluma ngalolu daba ngifuna ukuphinde ngidlulise ukubonga. Ekwenze uHappy yinto engajwayelekile ebholeni. Akukhona nje ukuthi ivuselele inkontileka yomuntu oyoshikisha ibhentshi kodwa uyolwela ukuba sesikimini esiqala imidlalo,” kubeka uMahlakgane.

Uma sekuphela inkontileka yakhe ngo-2023, uJele uzobe eseminyaka engama-36.

Isikhathi esiningi uma abadlali sebefinyelela kuleyo minyaka bathatha isinqumo sokuwagaxa emgibeni amakhokho.

Lokhu kusuke sekusho ukuthi kumele baqale elinye ikhasi lempilo. 

“Kudala aqala ukuhlelela impilo azoyiphila uma eseyekile ukudlala ibhola. Saqala ukwenza lokho ngesikhathi engena emabhukwini abadlali abangaphansi kwami. Sakwenza lokho eminyakeni eyi-12 eyedlule. Kwesami isitebela asiqali ukuhlelela impilo ngemuva kwebhola uma usuqedile ukudlala. Sikwenza lokho usadlala,” kusho uMahlakgane.

See Also

Ezinye izilomo ezisemabhukwini kaMahlakgane kukhona uThembinkosi Lorch wayo iPirates, uThemba “Mshishi” Zwane weMamelodi Sundowns noSphiwe “Shabba” Tshabalala ukubala abambalwa.

“Sibheka izinto eziningi okubalwa kuzona ibhizinisi nemfundo ngoba ngemuva kwebhola uphenduka isakhamizi esifanayo nezinye izakhamizi zalapha eNingizimu Afrika. Uma usuyekile ukudlala ibhola nawe usuke usufana nomuntu ovuka nsukuzonke eyosebenzela umndeni wakhe. Indaba yodumo isuke ingasasebenzi kakhulu,” kusho uMahlakgane.

UJele kubhekwe ukuthi ahole iPirates ngempumelelo uma isiqala umkhankaso wayo wokuvikela isicoco seMTN8.

IPirates iyona engompetha balo mqhudelwano. Iwunqobe ngonyaka odlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

EZimnyama zizovula ngomdlalo wabakhaya kuma-quarterfinal eWafa Wafa lapho izogadulisana khona neSwallows FC e-Orlando Stadium ngehora lesi-6 ntambama. Umdlalo ukulempelasonto esiyakuyo.

“Kunento esiyihlelayo uma esethathe impesheni. Angingabazi ukuthi abalandeli bebhola bazoyithanda. Abalandeli abalinde nje kancane.” kuchaza uMahlakgane.

Scroll To Top