UBroos akawuvali umlomo ngoWilliams


Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usababaza izimanga zikaRonwen Williams obeyiqhawe ngempelasonto ngesikhathi elakuleli liguqisa iCape Verde ngo-2/1 kumaphenathi eStade Charles Konan Banny de Yamoussoukro e-Ivory Coast emdlalweni we-quarterfinal ye-Africa Cup of Nations (Afcon).
Lo nozinti weMamelodi Sundowns wenze into yamehlo ebamba amaphenathi amane eCape Verde.
Umdlalo uphele ngo-0/0 ngemuva kwemizuzu eli-120. Ngemuva kwalokho iBafana inqobe ngo 2-1 sekukhahlelwa amaphenathi. UWilliams ugcine eqokwa njengomdlali ovelele ngemuva kwalezi zimanga.
“Asiwinanga ngenhlanhla kodwa sinqobe ngoba sinonozinti oseqophelweni eliphezulu. Uma uvimba amaphenathi amane leyo akuyona inhlanhla. Sekusele imizuzu emibili kuphele umdlalo uvimbe elinye ibhola elinzima. Ukuqokwa njengomdlali ovelele kumfanele. Akekho omunye umdlali obengaqokwa ngaphandle kwakhe namuhla (ngoMgqibelo),” kubabaza uBroos.
IBafana izibekisele indawo kowandulela amanqamu ngemuva kweminyaka engamashumi amabili nane yagcina ukufinyelela kulesi sigaba somqhudelwano.
“Umdlalo wethu neCape Verde ubuphathisa ngekhanda ikakhulukazi indaba yamaphenathi. Uma kuzothathwa amaphenathi usuke ungazi ukuthi kuzokwenzakalani. Njalo uma siqeda ukuzilolonga siyawakhahlela amaphenathi. Isikhathi esiningi akekho oyigejayo. Sonke sibonile kwenzekeni namuhla (ngoMgqibelo). Hhayi kithina kuphela kodwa nakubadlali beCape Verde,” kuqhuba uBroos.
IBafana isizobhekana neNigeria kusasa ngelesi-7 ebusuku emdlalweni owandulela amanqamu eStade Bouaké.
“Asizange sidlale kahle. Lona ngumdlalo esisashaye kuwona udaka uma ngiyiqhathanisa nayo yonke imidlalo esisayidlale kulo mqhudelwano. Sidlale kangcono sibhekene neMali, iNamibia, iTunisia neMorocco. Asidlalanga njengasemidlalweni eyedlule kodwa ngiyaqonda ukuthi kungani kunjalo. Ingcindezi yokuba kulesi sigaba somqhudelwano nayo iyaqonga. Lokho kuletha novalo,” kuchaza uBroos.
Elakuleli lenze izimanga kulo mqhudelano. Lisanda kukhipha iMorocco ebithwelwe ngeqoma kuLast 16.
“Wonke amehlo abethe njo kithina. Besithwelwe ngeqoma. Mhlawumbe yingakho singadlalanga kahle. Njengoba ngangishilo-ke kodwa into emqoka akuyona indlela onqobe ngayo. Okumqoka wukuthola umphumela omuhle. Sijabule ngokunqoba ngamaphenathi.” kuphetha uBroos.