Izilimi zomdabu ekudingisweni
Ababhali bezincwadi ezehlukene, besesekubhaceni, kunamakhasi abasicaphunela kancane ngendaba yezilimi zebele, ukuthi babengazikhohliwe. Bazebecosha kancane nezilimi zaboHlanga basemazweni ababebhace kuwona.
Yincwadi kaRonnie Kasrils ethi: Armed and Dangerous yangowe-1993, uThula Bophela benoDaluxolo Luthuli bencwadi ethi: Umkhonto WeSizwe fighting for a Divided People yangowezi-2006, kube ekaJames Ngculu ebizwa ngokuthi: The Honour to Serve yangowezi-2009 beMK, kube ngowayeyisosha lePAC uMxolisi “Bra Ace” Mgxashe yangowezi-2006 ethi: Are you WITH US? The Story of a PAC Activist kunamakhasi lapho ebhale ngeyezilimi zebele.
Kwethi; The armed and Dangerous, ekhasini lama-90,sithola uKasrils esicakulela ngegama iqabane ngolimi lwesiXhosa, lasetshenziswa ababelwela inkululeko bezibiza ngama-comrade, ochaza ukugezana kwabangane umhlane emfuleni.
Kwakulula ukubona ontanga hhayi ngokweminyaka kodwa ngokukhuluma ulimi, beluxuba nesitsotsi bebingelelana kanjena: Hoe’s it daar ma bra (okusho ukuthi kunjani mfowethu?).Ophendulayo wayethi: It is khorosho (kuhle) mabra, its poch’ (kuyintokozo). Kwelama-93, eLondon, umkakhe u-Eleanour wayesekwazi ukukhuluma kancane iKiSwahili.
Kwelama-95, ukuthi ngenkathi uRonnie Kasrils noChris Hani besenkambini iKongwa yaseTanzania bathola ukuthi babethanda izincwadi zikaShakespeare. Wahlatshwa umxhwele nguJulius Nyerere owayenguMengameli waseTanzania,ngokumuhusha uJulius Ceaser ngolimi lwesiKiSwahili.
Sithola encwadini, Umkhonto WeSizwe Fighting for a Divided People yangowezi-2006, kaThula Bophela benoDaluxolo Luthuli, kusuka ekhasini lama-29,30,31. Waqaphela uThula eyolimi lwebele, esohambweni eBotswana, eZambia naseTanzania, ehlangana naboHlanga bakulamazwe,ayefunde ngabo phambilini.
Wathola olwesiTswana eBotswana, lufana neSeSotho esikhulunywa ngabeSotho baseNingizimu Afrika,ayesazi. EseZimbabwe isabizwa ngeRhodesia, wezwa olwesiShona ayeqala ngqa ukusizwa,sizwakala njengesiGreek, sikhulunywa ngaboHlanga baseLivingstone eduze nempophoma iVictoria Falls.AbaBarotse baseBarotseland eLusaka babekhuluma ulimi iChibemba.
KwakuseTanzania, uThula ebanothando lolimi iKiSwahili, olukhulunywa ngaboHlanga abangaseMpumalanga ye-Afrika. Wafunda nokubingelela ngesiKiSwahili kanjena: Jambo bwana okuwukuthi sawubona mnuzane noma mhlonishwa. Abari yawatoto (banjani abantwana).
Ngenkathi uThula ehamba noGoodman Mhlawuli isosha loMkhonto weSizwe laseCape Town, wakhuluma iSwahili ethenga utshwala ethi: Huyu bwana namimi tinataka pombe tafada. Okuwukuthi yena nomngani wakhe babefuna ukuthenga utshwala baphuze.
Encwadini The Honour to Serve kaJames Ngculu waseNtshonalanga Kapa, yangowezi-2009, ekhasini lama-31,32, uNgculu bafika eLusaka ngowe-1976, bahlala eMtendere nabaseZimbabwe ababengamabutho eZAPU, bekhuluma isiNdebele esifanayo nolimi abalukhulumayo. Basiqonda nesidingo sokwazi kabanzi ngezinye izilimi zebele, bandise amaxhama okuxhumana, okuthula nokubulala insila yokucwasana.
Ekhasini lama-34, waveza ukuthi, kwakuyizilimi zebele ezazibaceba ukuthi babengabakuphi eNingizimu Afrika. Kwazise bengamasosha oMkhonto weSizwe MK, babedonswe ngendlebe ukuba bangatshelani ngemvelaphi yabo.
Kwelama-42, beseLuanda, babeqeqeshwa, benikwa nemiyalo ngababekhuluma iSeTswana, ngoba abaqeqeshi babengalwazi olwesiLungu. Kwelama-206, babuya eNingizimu Afrika ngowe-1990, sebenemindeni nabesifazane baseZambia, e-Angola, eTanzania,eBotswana, eSwatini, eLesotho nabelumbi base-Europe, okwaxaka omakhelwane babo.
Eyesosha lePAC uMxolisi “Bra Ace” Mgxashe yangowezi-2006, ethi: Are you WITH US? The Story of a PAC Activist,ekhasini le-187 nele-188, libeka ngokuthi, omunye wabaphathi ejele weBhunu wayekhuluma izilimi zebele, isiXhosa, isiZulu, iSeSotho, iSepedi, ichiVenda. Bambiza uSomakhonkco okusho umxhumanisi.
Ekhasini le-194 nele-199, eRobben Island, kwakuboshwe uStanley Mokgoba, wafunda nolimi lwesiXhosa, wagcina esenguMbhishophi. Kwele-199, uBra Ace wayeboshwe noBishi Musi owayezikhumbuza iSeTswana, ngokuzibuka esibukweni ethi: “Monna, Kebua le wena”.