UKenny ubona iDA izowudunga kusa nje umshado wamaqembu
ISekela likaMengameli wePatriotic Alliance uMnu uKenny Kunene yize kungavunyelwana ngokuthile kumenyezelwe neKhabhinethi kodwa uzinzo angeke lube khona kuHulumeni Wobumbano uma iDemocratic Alliance isafuna kukhale esayo isicathulo. UKunene uthe nabo njengeqembu babeka lokho abakufunayo ngesikhathi bezibophezela kulo Hulumeni njengoMnyango Wezasekhaya noWamaphoyisa konke lokho okwabe kuyisicelo kungewona umbandela.
Ubephawula kanje kulandela izimfuno zakamuva zeDA okuyiminyango eli-11 nesikhundla seSekela likaMengameli wezwe. Izingxoxo phakathi kwe-ANC neDA zisaqhubeka ngemizamo yokuthola isisombululo. Kulezingxoxo i-ANC imi kwelokuthi iqembu neqembu kumele lithole izikhundla ngokwamavoti eliwatholile. Izolo kusihlwa uMengameli uCyril Ramaphosa ube nomhlangano nomholi weDA uMnu uJohn Steenhuizen izolo kusihlwa.
UKunene uthi noma kungavunyelwana manje ngoba sekugqitshwa ihlazo kodwa kusazoba yiminyaka emihlanu enzima yokusebenzisana kwamaqembu. “Zimbili izinto okumele zenzeke ukuze kube nozinzo kulo kuHulumeni, eyokuqala ukuba iDA iphume kuwo i-ANC ibambisane namaqembu amancane okanye kukhulunywe ne-Economic Freedom Fighters noMkhonto Wesizwe babe yingxenye kaHulumeni,” kusho uKunene. Usole iDA ngalesi senzo sayo asifanise ncamashi nesokufaka ezikhundleni labo abasondelene neqembu iCadre Deployment okuyiyo ekhala kakhulu ngayo ngokuthi yenziwa i-ANC.
“Sekuyacaca ukuthi uHelen Zille neDA banezinhlelo ezithile esingazazi kodwa ezingenazo izinhloso zokuyisa izwe phambili. Awukwazi ukubamba izwe ngoba nakhu nje ufuna ukuthi izinto zivune wena”. Uveze ukuthi bona abakaze babe nenkinga yokusebenzisana neDA kodwa izinhloso zayo kulo hulumeni sezicacile ukuthi ifuna ukuba yiqembu elehlukile okwenza kucace zisuka ukuthi izoba inkinga ngouhamba kwesikhathi