Now Reading
Kukhalwa ngamaselula abambezelayo koWezasekhaya
Dark Light

Kukhalwa ngamaselula abambezelayo koWezasekhaya

UKUBAMBEZELEKA kokusebenza emaHhovisi oMnyango Wezasekhaya ezweni kuthiwa kudalwa abasebenzi abasebenzisa amaselula ngesikhathi sokusebenza bagcine sebekhohliwe ukubeka phambili umphakathi.

Kujwayelekile ukufika emaHhovisi kaHulumeni uzocela usizo kuthathe isikhathi ukuthi usizakale ngenxa yabasebenzi abachitha isikhathi esiningi bexoxa nozakwabo kokunye ‘behleli’ kumaselula.

Akuwona kuphela uMnyango Wezasekhaya okuthiwa ubhekene nale nkinga kodwa yiwona osekube nezikhalo eziningi ezivela kubantu abasuke bedinga usizo.

USihlalo Wekomidi Lomnyango Wezasekhaya ePhalamende uMnu uHlomani Chauke usenxuse uMnyango Wezasekhaya ukuba ubheke ukuthi angeke yini ukuvale ukusetshenziswa kwamaselula ngabasebenzi abasekhaleni lomsebenzi okuyibona abantu abafikela kubo.

UChauke uthi kuningi ukukhala okuqhamuka emphakathini ngokusetshenziswa kwamaselula ngesikhathi somsebenzi eMnyangweni Wezasekhaya.

“Akwamukelekile neze ukuthi umphakathi uchithe isikhathi sawo emaHhovisi oMnyango Wezasekhaya, kodwa abasebenzi bakhona bona bechitha isikhathi bechofozana namaselula. Abasebenzi baqashelwe ukusiza umphakathi, kanti izikhalo eseziqubukile ziyizinkomba zokuthi kunokubambezeleka okukhulu komsebenzi okwenziwa ngabanye abasebenzi nakuba beholelwa njalo ngenyanga,” kusho uChauke esitatimendeni.

Eqhuba uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi le ndlela yokuziphatha ibonakala kakhulu ezindaweni ezingamasango angenela ezweni, okunika isithombe esingesihle kubantu abavakashela iNingizimu Afrika.

Uthe abakusabelayo ukuthi indlela laba basebenzi abaziphatha ngayo izogcina isinomthelela kwezokuvakasha okuyinto ephambanayo nesibophezelo sikaMengameli uCyril Ramaphosa sokuqinisa umnotho wakuleli ngasemkhakheni wezokuvakasha.

Uphakamise ukuthi kwakhiwe uhlaka oluzolandelwa lube nemigomo nemibandela yokusetsehnziswa kwamaselula ngabasebenzi abasemehlweni omphakathi.

Lolu hlaka uthi kumele lusebenze kuwona wonke amahhovisi oMnyango Wezasekhaya kodwa zibe khona izindlela zokuthi abasebenzi baxhumeke uma kukhona okuphuthumayo emndenini.

See Also

UChauke uthi enye indlela yokuxazulula inkinga yolayini abade emaHhovisi oMnyango Wezasekhaya ukwenza isiqiniseko sokuthi abasebenzi basezindaweni zokusebenzela ngaso sonke isikhathi benza lokhu abaqashelwe ukukwenza.

“Sikuqonda kahle kamhlophe ukuthi enye into edala olayini abade kuba ulwazi olungaqondakali nobuchwepheshe bamakhompyutha, kodwa kuyadinga ukuthi nabasebenzi bashintshe ukwenza bazibophezele emsebenzini wabo.”

Uthi ukuba isisebenzi somphakathi kuncike ohlelweni lwemigomo yeBatho Pele, olukhuluma ngezinga eliphezulu lokusebenza nokubeka umphakathi phambili yingakho kusemqoka ukuthi kube nohlelo okusetshenzwa ngalo, uma kunesidingo kuqiniswe kakhulu isandla.

Emhlanganweni wokuqala wekomidi kubhekeke ukuba limeme uNgqongqoshe noMqondisi Jikelele boMnyango ukubabeka esithombeni ngosekwenzekile emizamweni yokwenza ngcono isimo sokusebenza emnyangweni.

Scroll To Top