Now Reading
Umkhokha wokuphuka kwamakhosana kaKhongolose uyaqhubeka
Dark Light

Umkhokha wokuphuka kwamakhosana kaKhongolose uyaqhubeka

Usuku kwakungumhla zili-8 kuMasingana ngowe-1912. Lapha kwabe kuhlangene abaholi boHlanga ngenhloso yokwakha umkhumbi wempi wenkululeko owabe uzoba yisigaba sesibili somzabalazo waboHlanga owabe ubhekiswe kumadlagusha.

Phakathi kwezethembiso kwabe kuwubuholi obunombono namava okuweza aboHlanga bakhululwe kumakhamandela obukoloni. Nembala iqembu namuhla elaziwa nge-African National Congress libakhiqizile abaholi, abesilisa nabesifazane ababeqotho bawuqhuba umzabalazo waboHlanga.

Izinguquko kulokhu ziqale uma nje kuqala inqubo entsha yedemokhrasi lapho leli qembu seliphethe umbuso kakhulukazi emuva kokushitshana kobuholi phakathi kukaMnu uMandela kanye noMnu uMbeki.

Kusuka lapho kube nemibiko yokuklwebhana nokuqembukelana. Kube ngesikhathi sikaMbeki lapho leliqembu lithathe isinqumo sokuba onguMengameli wezwe ehle esikhundleni.

Ngokwehla kukaMbeki kwaba nokuhlukana kwemibono kwaze kwaqembuka amanye amalungu naphuma inxiwa enza iCongress of the People (COPE). UMbeki mhla esefulathela wabiza abezindaba kusihlwa nayilapho ayebikela khona isizwe ukuthi selithe iqembu kaqoqe.

Okwenzeka kuMbeki kwaphenduka umkhokha njengoba owamlandelayo uZuma naye waphuma ngobumnyama. Naye wabiza abezindaba kusihlwa esho khona ukuthi kasabuyi usebheka kwelakubo eNkandla.

Ukuhamba kukaZuma kunike ithuba uRamaphosa ukuba ahole iqembu. Kwbathile umfoka Samuel uRamaphosa ubengumalamulela ‘ezokhuculula inkohlakalo’.

Nokho umbiko wangoLwesithathu esiphuma kuwo nobuhlanganiswe yiThimba ebeliholwa nguMehluleli uNgcobo osewathatha umhlala phansi uguqule amatafula.

Kulombiko ithimba likaNgcobo lithe uRamaphosa  kungenzeka ukuthi ngesikhathi kunokuthengiselana epulazini lakhe iPhala Phala kungenzeka ukuthi wephula lemithetho elandelayo:

  • Wephule Owokuvimbela Nokuqeda Ukwenzeka Kwenkohlakalo
  • Wephule ISigaba 96(2)a
  • Wephule ISigaba 96(2)b
  • Kukhona ukuphambana komthetho nokungahambisi ngendlela okwenziwa uMengameli okushayisanayo phakathi komsebenzi wakhe wangasese nomsebenzi kahulumeni.

Akukho ukungabaza ukuthi lombiko umshaye engeqiwa ntwala uRamaphosa obaziwa umhlaba wonke njengomalamulela nesikhuphekhuphe esilwa nenkohlakalo kuhulumeni naseqenjini. Ngokuphazima kweso  umbiko wethimba likaNgcobo umphendule umsolwa uRamaphosa wathaphuka umsanka.

See Also

Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebesho lokho abakuthandayo ivunana imilomo ekutheni akehle esikhundleni.  Kwisenzo esibonakale njengokuxhamazela, ihhovisi likaMengameli libize isithangami sabezindaba nayilapho bekulindeleke ukuba uRamaphosa kakhulume nesizwe. Kuthe kusenjalo kwangabe kuseza yena kepha kwase kuba ngumkhulumeli wakhe uMnu uVincent Magwenya obe esekhuluma echaza ngalolu daba. Kwenzeka lokhu nje nasemini ngoLwesine bekulindeleke ukuba uRamaphosa akhulume phambi kwamalungu ephalamende ayophendula imibuzo ngokusebenza kwehhovisi nalapho uhoxisile.

Konke lokhu kwenzeka nje iqembu lakhe linomhlangano kulempelasonto nosekuthe phezulu eqhulwini kwaba yiloludaba. Ngokuvamile uma isimo sinje umengameli ukukhuluma kungaye uke acelwe ukuba angabi yingxenye nokunika ithuba amalungu ukuba adingide udaba. Uma lunzima kunesinqumo esithi kahoxe kube sekwakhiwa ithimba eliyoya kuye uMengameli libe ngumlomo weqembu.

KuMbeki kwaba nguMotlante kuZuma kwaba nguye uRamaphosa. Kulokhu kakwaziwa ukuthi ngabe kuyoba khona yini isidingo sokuba kuthunyelwe abantu kuRamaphosa ukuba ayokwazisa ngesinqumo seqembu. Uma kube njalo kuyobe sekusho ukuphela kwesikhathi kuRamaphosa naye esephuma ngendlela efanayo njengoMbeki noZuma abaphuma ngobumnyama singakapheli isikhathi.

Nokho maningana amathuba okuthi kungenzeki manje lokhu ngoba uKhongolose esikhathini esingamasonto amabili uzoba nenkomfa yokukhetha ubuholi. URamaphosa uqokwe ngamagatsha amaningi nokulindeleke ukuthi nawo abe nezwi ekutheni uyehla yini noma uyaqhubeka. Uma eqhubeka okuyikuthi bazomvotela exhuga kanti uma ephuma ingakahlali ingqungquthela okusho ukuthi laba abazokhetha kuyomele babheke omunye umuntu. Izinkomba zithi lomkhokha awukazukuphela, asazoqhubeka nokwephuka amakhosana kaKhongolose.

Scroll To Top