Umsindo phakathi kukaMasipala noMnyango



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Umcimbi ohlelwe nguMasipala uMhlathuze enhla nogu lwaKwaZulu-Natal usususe umsindo phakathi kwalo masipala noMnyango Wezolimo Nokuthuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya esifundazweni iKwaZulu-Natal.
UMnyango ukhiphe isitatimende lapho khona uziqhelelanisa nomcimbi wokugonywa kwezinkomo ohlelelwe ukuba eNdodwane kuWadi 32.ngoMgqibelo womhla zili-10 kwekaNhlolanja.
UMnyango uphinde wakhomba uMasipala ngenjumbane ngokuthi usebenzise uphawu lwawo esikhangisweni somcimbi ngaphandle kwemvume yawo.
Esitatimendeni uMnyango uqhube wathi: “Asizange sithintwe noma simenywe ukuzoba yingxenye (yomcimbi) futhi akuzange kucelwe imvume yokusebenzisa uphawo lwethu. Siyasigxeka isenzo sokusebenzisa uphawu loMnyango ukuyengela abantu emcimbini ngezinhloso esingazazi.”
Ngomlomo kaMnu uBongani Gina oyiMenenja Yezokuxhumana, uMasipala uziphungele ngalezi zinsolo. “Isikhangiso esisemthethweni esikhishwe nguMasipala ekhasini lawo leFacebook asinalo uphawu loMnyango. Uma uMnyango ubunenkinga nesikhangiso okulula bekungukuthi usithinte. Besizowuchazela ukuthi isikhangiso asinalo uphawo lwawo. Asiqondi ukuthi umsindo wani lo owenziwayo” kubeka uMnu uGina.
ElaboHlanga lisibonile isikhangiso esisekhasini likamasipala kuFacebook esingenalo uphawu loMnyango.
Okhulumela uMnyango uMnu uVusi Zuma uthe kuyacaca ukuthi uMasipala usishintshile isikhangiso emva kokubona ukuthi wenze iphutha ngokusebenzisa uphawu loMnyango kungavunyelwananga. “Asinankinga neze nokuhanjiswa kwezinsiza kubantu kepha akwenzeke ngendlela eqondile”, kuqhuba uZuma.