Ubumnandi bubuzwa kwelikabhanana kule mpelasonto



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Minyaka yonke uMgqibelo wokuqala enyangeni uNtulikazi kuba ngomkhuluka ekhalendeni lezemidlalo ngoba uwusuku lomjaho omkhulu iHollywood Bets Durban July.
Njengaminyaka yonke kusasa intaka ibekelwe amazolo enkundleni iGreyville Racecourse lapho izinjomane zizobe zigabavula kusiphuka izidindi.
Amahhashi abhekwe kakhulu emjahweni wesikhombisa okuyiwo omkhulu nguSee It Again, uWincvhester Mansion noWithout Question.
Nyakenye lo mjaho wanqotshwa uSparkling Water egitshelwe uSmanga Khumalo
Ngaphandle kwamahhashi, lomjaho waziwa nangengqephu edidunwabu.
Umjaho wandulelwa indathane yemicimbi yobumnandi ephinde iqhubeke nangale kwayo. Ngaphambi komjaho, namuhla ebusuku e-ICC kunamaBoxing South Africa Awards.
Kuklonyeliswa abashaye into ecokeme ngokwekhalenda yale nhlangano engamele isibhakela ephethwe uNsikayezwe Erick Sithole.
Phakathi kwemiklomelo emikhulu ebhekwe ngelokhozi ngoweBoxer of the Year, Promoter of The Year, Manager of the Year, Aspiring Promoter of The Year, Female Boxer of the Year noweMale of the Year.
Okunye okwenzekayo ngale mpelasono imidlalo kanobhutshuzwayo ye-Engen Knockout Challenge.
I-Engen Knockout Challenge okungumqhudelwano waminyaka yonke idlalwa kuzona zonke izifunda, bese iqembu elinqobe esifundazweni laso libhekane namaqembu anqobe kwezinye izifundazwe eGoli koweChamp of Champs.
Nyakenye kwabesifazane unqotshwe iSunflower WFC okuyiqembu elizinze eHammarsdale, kwabesilisa kwanqoba iMidlands yaseMgungundlovu.
Le midlalo izobanjelwa eHoy Park naseTills Cresent Sport Ground.