UMkhize uthi kawabhekwe namandla ombuso okwenza



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Ukuphawula kukaDkt uMkhize kulandela umbuzo welaboHlanga ekuthenini njengoba kuyiwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi, isigungu sikazwelonke sikaKhongolose ayingxenye yaso sizoqinisekisa kanjani ukuthi amalungu kawagcini nje kuphela ngokukhuluma ngokuthi ngubani ozohola iqembu kepha ayazinika yini isikhathi sokukhuluma ngalokho okunye okumqoka. UDkt uMkhize uvumile ukuthi kuyishwa ukuthi muva nje abezindaba namanye amalungu kaKhongolose sebengenwe esilingweni sokukhuluma kuphela ngezikhundla kunalokho okuyinqubomgomo equkethwe ezethulweni ezenziwa ngamalungu ale hlangano phakathi nonyaka.
“Kuliqiniso ukuthi abantu bezindaba ngisho namalungu ethu aseqhakambisa udaba lwalabo abazongenela ukhetho kuyekwe ezinye izinto ezimqoka. Nokho uhlelo oluzolandelwa kule ngqugquthela luzoqinisekisa ukuthi isikhathi esiningi sichithwa ekudingideni inqubomgomo. Yebo amalungu ayo bazokhuluma ngabaholi ababaqokayo kepha okuyobe kumqoka yikho ukubuyekeza nokuqeda ngeziphakamiso ezenziwa engqunqgutheleni yenqubomgomo ebikhona phakathi nonyaka nezinto eziningi okumele sivumelane ngazo”, kuchaza uDkt uMkhize.
Khona lapho ube esephawula ngobumqoka bokuthi nxa kukhulunywa ngoguquko ezweni nolulethwa phakathi kokunye yinqubomgomo kaHulumeni kanye nezisebenzi eziqashwe eminyangweni eyehlukene. Kulokhu ugcizelele ukuthi ngisho njengeqembu noHulumeni banganamaphupho angakanani, nxa kungaqinisekiswanga ukuthi izisebenzi zikaHulumeni zinamakhono enele okuqinisekisa ukulandela ukusebenza kwenqubomgomo.
“Ukuqinisekisa ukuthi amandla ombuso okwenza, sidinge ukuthola abaqeqesheke ngokwanele nabanamandla okwenza izinto kuHulumeni. Ubuholi kupolitiki kufanele bubenesibopho kweminye yemiphumela nokusebenza kwezizinda. Udinga ukukwazi ukulinganisa uzinzo nolwazi lwezizinda. Kufanele sigxile ekwenziweni, ekuqapheni nasekulawuleni ukuze sazi kusenesikhathi uma kunezinkinga eziqubukayo,” kugcizelela uMkhize.
Ube esexwayisa ngomkhuba wokuthi nxa kuguquka izandla zokuphatha kungaba kuHulumeni noma eqenjini bese kuguquka konke kuhlanganisa nokuguqulwa kwezikhulu nendlela yokusebenza. “Ngiyayithanda inqubo elandelwa yiqembu elibusayo eTanzania iChama Cha Mapinduzi. Indlela elenza ngalo lenza kube lula ukuqinisekisa ukuthi iqembu noma uHulumeni kalahlekelwa ngabantu abanamava kuHulumeni ngoba nje sekungena ubuholi obusha eqenjini noma kuHulumeni. Uma kunegqungquthela noma imihlangano yeqembu ufica bekhona labo ababe ngomengameli namasekela abo. Laba baholi abadala bayaphendlelwa nalapha ezinhlakeni zeqembu ukuze babambe iqhaza ekwakhiweni nasekulungiseni okungahle kube yizinqinamba eqenjini. Lokhu nathi njengoKhongolose nezwe singafunda kukho. Ukuthi nxa kungena ubuholi obusha singabe sesiguqula konke okwabe kukhona ngoba ukwenza njalo kungahle kusho ukulahlekelwa kukaHulumeni ngabantu abanamava ngokusebenza kukaHulumeni kanye nokuphatha”, kubeka uDkt uMkhize.
Le nkulumo kaDkt uMkhize ibukeka iqondise esimweni esesicishe sibe yisiko elamukelekile lapho uma uNgqongqoshe, uMphathiswa noma iMeya ithatha izintambo bese isusa bonke ababekhona ifake abantu abasha kweminye iminyango kuze kuguqulwe ngisho inqubomgomo ngoba osengenile efuna kubonakala ukuthi usefikile. Okunye akhale ngakho uKhabazela wukuqhelelana kukaHulumeni kanye nezakhamuzi nathe nakho kuyingxenye yokwehluleka ukuqinisekisa ukuthi abakuHulumeni banamava enele ukusebenza nomphakathi nokukwazi ukuba nendlela yokuhlonza kusekude nxa kunenkinga , okungaba wukungabi bikho kwenqubomgomo odabeni oluthile noma ukwehluleka ukuqinisekisa ukuthi lokho okuyinqubomgomo kuyafezeka.
Kuleli qhingasu elaziwa ngokuthi yiNational Development Plan 2030 iNingizimu Afrika izibekele uhlelo olunzulu okumele lulandelwe ukuze ikwazi ukuthuthuka kwezomnotho nengqalasizinda. Mhla lwethulwa lolu hlelo uHulumeni wagcizelela ukuthi ukuze luphumelele kuyomele nohlobo olunjani lwabantu abasebenza kuHulumeni noma abashaya nabaphelelisa inqubomgomo. Lokhu kwabe kuveza isidingo sikaHulumeni onabantu abanamakhono kuyo yonke imikhakha nokuyinto ngokusho kukaDkt uMkhize okusamele isetshenzwe.