Now Reading
Ozakwabo batusa igalelo abe nalo kwezokulingisa uMpho
Dark Light

Ozakwabo batusa igalelo abe nalo kwezokulingisa uMpho

Abalandeli bezikaqedisizungu basathukile ngokudlula emhlabeni komlingisi uMpho Sebeng obeneminyaka engama-31.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe umndeni wakhe, uSebeng udlule emhlabeni izolo engozini yemoto.

“Umndeni womlingisi waseNingizimu Afrika uMpho Sebeng, udabuke kakhulu ukudlulisa izindaba zokudlula ngokuphazima kwendodana yawo,” kusho isitatimende.

Isitatimende siqhubeka siveze ukuthi ingozi lena yenzeke ezintathakusa zangeSonto zi-5 kuNhlaba 2024 engozini enyantisa igazi ebesePotchefstroom. Ube sewucela umndeni ukuba unikezwe ithuba lokwetshisa lezi zindaba nokuzilela indodana yawo.

USebeng waziwa kakhulu emidlalweni kamabonakude abelingisa kuyo ehlanganisa iRing of Lies neSavage Beauty, kanti abalandeli bakhe abaningi baqale ukumazi esasemncane ethula uhlelo lwentsha olubizwa ngeCraze-E. Ngowezi-2017 waqokwa emkhakheni weBest Supportimg Actor kuma-AMVCA, kwathi ngowezi-2018 waphinde waqokwa emkhakheni weBest Actor kumaSAFTA ngeqhaza lakhe emdlalweni iRing of Lies. Useke walingisa nezihlabani ezaziwa umhlaba wonke okubalwa kuzo uTerrence Howard noJennifer Hudson.

Emveni kokuzwakala kwezindaba zokudlula kwakhe, abalandeli nozakwabo bathutheleke ezinkundleni zokuxhumana bedlulisa amazwi enduduzo emndenini.

UDJ Sbu utuse uthando uSebeng abenalo ngomkhakha wezokulingisa kuleli. Umkhumbule ngokudlala amavidiyo ezinkulumo ezake zashiwo uSebeng ezifakazela umbono abenawo ngendima yezokulingisa kanye nomphakathi nje wonkana.

UHulumeni Kazwelonke nawo ubhalile ekhasini lawo lakuTwitter, udlulisa amazwi endunduzo emndenini.

See Also

“Sidabuke kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaMpho Sebeng, sibeka umndeni wakhe emithandazweni yethu njengesizwe. Sinethemba lokuthi amagalelo akhe azoqhubeka nokugqugquzela ngisho izizukulwane zamaciko ezizazolandela ezinyaweni zakhe.”

NoSopolitiki babhonge emswaneni ngaleli ciko. UMbuyiseni Ndlozi we-Economic Freedom Fighters (EFF) ubhale wathi; “Ngiphatheke kabi kakhulu ngokudlula emhlabeni ngokuphazima kweso kukaMpho Sebeng. Ngifisela umndeni wakhe induduzo ephelele ngalesi sikhathi. Kuphela amazwi.”

Abanye abalingisi abadlulise amazwi enduduzo bahlanganisa uNthati Moshesh, uZola Nombona, uCornet Mamabolo nabanye. Amazwi enduduzo asalokhu eqhubekile nokungena.

Scroll To Top