Now Reading
Uziguqule kakhulu izinto uMax njengoba esenyathela eduze kwesicoco
Dark Light

Uziguqule kakhulu izinto uMax njengoba esenyathela eduze kwesicoco

Uyaqhubeka umbango womjaho wezimoto iFormula One (F1), ophakathi kukaMax Verstappen noLewis Hamilton.

Lezi zikhondlakhondla zomdlalo ziwunyuse kakhulu umbango ikakhulukazi uVerstappen, eminyakeni edlule bekujwayelekile ukuthi uHamilton uma sekusele imijaho emine noma emithathu kucace ukuthi vele uyena ozokuba ngumpetha. Kodwa kulokhu ziguquke kakhulu izinto njengoba ehlezi endaweni yesibili nje.

UHamilton osebe ngumpetha kayisi-7 unamaphuzu angama-318, kuthi uVerstappen yena abe nangama-332.

Kulokhu ithayi lizobe liguga eDoha, koweQatar Grand Prix ozokuba ngeSonto. Ngeledlule laba bashayeli bashayele into ecokeme koweBrazillian Grand Prix, nogcine unqotshwe uHamilton ngesikhashana nje esincane elandelwa uyena uVerstappen.

“Ukunqoba kwami ngeledlule kube into enhle kakhulu kimina. Nginqobe kanzima kwazise uVerstappen uyena ohambe phambili izikhathi ezide, ngithe uma ngithola ithuba lokuzihola phambili ngabe sengisho ukuthi ngeke ngisaliyeka,” kusho uHamilton.

Imijaho eyisi-6 enqotshwe uHamilton ongowokudabuka eBritain kuseyiBahrain Grand Prix, iPortuguese Grand Prix, iSpanish Grand Prix, iBritish Grand Prix, iRussian Grand Prix neBrazillian Grand Prix. Kanti enqotshwe uVerstappen okubukeka esazoba umpetha eminyakeni ezayo usenqobe imijaho eyisi-9 okuyi-Emilian Grand Prix, iFrench Grand Prix, iMonaco Grand Prix, iStiermark Grand Prix, i-Australian Grand Prix, iBelgian Grand Prix, iDutch Grand Prix, i-United States Grand Prix neMexican Grand Prix.

See Also

Abanye asebekwazile ukuthi benqobe imijaho kulo nyaka u-Estan Ocon onqobe iHungarian Grand Prix, uSergio Perez yena owanqoba i-Azerbaijan Grand Prix, uDaniel Ricardo onqobe i-Italian Grand Prix kanye noValteri Bottas yena owemuka nomjaho weTurkish Grand Prix.
UVerstappen yena uthe: “Yize kuyimina ozihola phambili lokho akuchazi ukuthi sengingumpetha, kumele ngiyinqobe okungenani imijaho emibili kule esele. Lesi isikhathi esinzima kakhulu ngeke ngaqamba amanga uHamilton kule mijaho uzokukhombisa ukuthi kungani esebe ngumpetha kayisi-7, lokho ukukhombisile ngeledlule. Kodwa nami ngeke ngazibukela phansi ngifuna nami ukuba ngumpetha” usho kanje.

UHamilton uma engagcina eba ngumpetha kulo nyaka kobe kusho ukuthi usehamba phambili kwabaseke babangompetha, okwamanje usalingana noMicheal Schumacher naye osaba ngumpetha kayisi-7.

Imijaho esele kulo nyaka ngaphambi kwalo ozokuba ngeSonto, kuzokuba iSaudi Arabian Grand Prix ozokuba ngomhla ziyisi-5 kuZibandlela kuthi kowokugcina ube mhla zili-15 kuwona uZibandlela nokuyoba umjaho we-Abu Dhabi Grand Prix.

Scroll To Top