Now Reading
Amaqembu azosebenzisa uSuku Lwabasebenzi ukugaya ivoti
Dark Light

Amaqembu azosebenzisa uSuku Lwabasebenzi ukugaya ivoti

Usuku Lwabasebenzi oluzogujwa ngoLwesithathu ezweni luzoba ngolwehlukile kulokhu lapho amaqembu ezepolitiki azolusebenzisela ukunxenxa abavoti. Nalolu suku luzogujwa ngaphansi kwesimo esinzima njengoba bebaningi abalahlekelwe imisebenzi ngenxa yokuvalwa kwezinkampani. Namuhla abasebenzi basePosini abangaphansi kwenyunyana yezokuxhumana , iCommunication Workers Union imibhikisho ephikisana nokudilizwa kwabasebnzi abayizi-5000 emaposini ahlukene ezweni. Naphezu kwalesi simo wonke amaqembu ezepolitiki athembisa abavoti ngokudala amathuba emisebenzi nokuqeda imisebenzi engamatoho emuva kokhetho.  Usuku lwangoLwesithathu kuzoba yiholidi lokugcina ngaphambi kokhetho lomhla zingama-29 kuNhlaba kophezulu. Ukuvivela lolu suku ngempelasonto amaqembu abephume ngobuningi egaya ivoti. 

Ukuxoshwa komholi ophambili woMkhonto Wesizwe (MK) uMnu uJabulani Khumalo kubonakala kungawathenanga amandla amalungu aleli qembu njengoba ngeSonto umholi weMK uMnu uJacob Zuma egcine ethelekile e-Eatern Cape emuva kokuhluleka ukuhambela irali eyabe ihlelelwe umhla zi-15 kuMbasa yaleli qembu esifundazweni. UZuma utshele abalandeli bakhe ukuthi njengamanje alikho iqembu elingazishaya isifuba ngokuthi kukhala isicathulo salo ezifundazweni. Uthe umbango mkhulu kulokhu kwedlula owangowezi-1994 ngoba abantu sebevulekile amehlo ezweni. I-ANC ihlele imibuthano yabasebenzi lapho izobe ihambisana khona nenyunyana iCosatu. Umbuthano omkhulu uhlelwe sifundazweni iWestern Cape lapho i-ANC ibheke ukuhlithwa lesifundazweni osekuyiminyaka singaphansi kweDemocratic Alliance. 

Ekuqiniseni imikhankaso yayo ngeledlule i-ANC imemezele ukuthi ababehola le nhlangano phambilini bazoba yingxenye yomkhankaso wokhetho. UMnu uThabo Mbeki, uMnu uKgalema Motlanthe, uNkk uPhumzile Mlambo-Ngcuka, uNkk uBaleka Mbete bajutshwe yiqembu ukuvimba uZuma neMK ekungeniseni. Ngeledlule uMbeki ube ngowokuqala ukuhambela eJabulani Mall emuva kwesikhathi eside eyihlaba inhlali eyokukhankasela i-ANC. Utshele abalandeli ukuthi yena wazi umbutho owodwa okuyi-African National Congress. Umholi weDA uMnu uJohn Steenhuizen uhambele izingxenye ezihlukene esifundazweni iFree State egaya ivoti. Utshele amalungu abalandeli ukuthi sekuyisikhathi eside bebekezele ngaphansi kokuhlukunyeza yi-ANC kumele basebenzise usuku lomhla zingama-29 kuNhlaba ukuphuma ebugqilini beqembu elibusayo. Kudume elikhulu ihlombe ngesikhathi ethi kubona bonke omasipala abangamaMetro, iMangaung yiyo esilele emuva kusuka ekuhanjisweni kwezidingo kubantu njengogesi namanzi. USteenhuizen uthe njengoba kuzogujwa usuku labasebenzi akukho okuzobhiyozelwa ngabantu ababhekene nesimo esinzima sokuphela kwemisebnzi. 

Scroll To Top