Now Reading
Inonele ngaphakathi okwendlanzi iSuzuki Jimny 5-door yakamumva
Dark Light

Inonele ngaphakathi okwendlanzi iSuzuki Jimny 5-door yakamumva

Umngani wami weminyaka esikhule naye elokishini KwaMakhutha osanda kuthola uthando olusha ubhale enkundleni yokuxhumana ebalisa ngokukhumbula isithanqandamathe sakhe asizwa ekhaleni. Njengoba bekulindelekile, kulandele ukuphawula okukhulu kubantu bethakasela lesihloko esithinta uthando.

Nami angisalanga ngaphandle ukumhalalisela ngase nginikela nangokuthi singasilanda isithandwa sakhe lapho sikhona ukuze kwehle isithukuthezi. Bengenza lomnikelo nje, yingoba ngaleso sikhathi bengivivinya iSuzuki Jimny 5-door. Kube sengihlokoza ukuphawula okuningi, indaba yangabe isaba ngesithandwa sakhe nothando lwabo olusha yaguquka yase iba ngeJimny. 

Ngizithole sekumele ngiphendule imibuzo ebengingayilindele njengokuthi njengoba ibukeka incane kangaka ilayisha abantu abangaki, yimuphi umehloko kuyona nendala, ithembakele kanjani ezindaweni zasemakhaya ezinemigwaqo emibi uma uyiqhathanisa nezingadlangadla zama-4×4 ezaziwayo.

Abanye bebethi bafisa ukuyibonela eduze ngoba lapho behlala khona amagaraji ezimoto zakwaSuzuki awekho. 

Kimina le mibuzo ibe ngamanzi amancane ngoba ukukhuluma ngezimoto kuyingxenye yomsebenzi wami. Okungiphathe kabi nje ukuthi umngani wami nenkumbulo yesithandwa sakhe bagcine besala kanjalo, iSuzuki Jimny kwaba yiyo edla ubhedu.

Iphuma nezicabha ezinhlanu

Zisuka nje ebhandeni okuyenza yehluke kweyilamayo ukuthi lena isiphuma nezicabha ezinhlanu, kanti eyangaphambilini bekuyi-3 door. Kumaphasenja angemuva sekulula ukungena nokuphuma ngaphandle kokuphazamisa umshayeli. Ithe ukweluleka ngama-2,590mm. Izokumangaza ngoba ngemuva abantu ababili bayakwazi ukuhlala ngokukhululeka, kanti ngaphambili yize iqoqekile kodwa ivulekile ngoba umshayeli nephasenja sikhulu isikhala esibahlukanisile.

Ngemuva isikhala sokulayisha impahla singama-211 litres okusho umehluko omkhulu. Uma izihlalo zilalisiwe isikhala siyanda sifinyelele kuma-332 litres. Isithe ukweluleka ngama-340mm.

Ngiwufakazi bokuvuleka kwayo ngemuva ngoba ngikwazile ukulayisha impahla eningi futhi esindayo ibanga elingamakhilomitha angama-20 ngaphandle kwezinkinga. Okunye engikuqaphelile amandla kule njini engu 1.5 litre GLX ekhiqiza amadla afinyelela kuma-75kW kanye netorque engama-130Nm. 

Benze umsebenzi omuhle ngokwengeza i-AllGrip okuyindlela yakamuva ye-AllGrip ehambisana nobuchwephshe besimanje elekelela imoto ngamandla kuwona wonke amasondo. 

Ngaphezu kwalokho iphinde ikwazi nokubhekana nezimo ezihlukene zomgwaqo njengoba ine-AllGrip 4×4 drivetrain ephuma ne 2WD-High Range, 4WD, High Range ne4WD-Low Range. Esibe nenhlanhla yokuyithola KwaZulu-Natal ilena ephuma nogearbox ongu 5 speed manual. Abagcinanga lapho iphinde ibe neHill Descent Control, iHill Assist kanjalo neBrake Assistance. Akulula ukuzwa umuzwa wakho konke lokhu uma ungezoyifaka lapho kuzodingeka khona uyihlome kula magiya njengemigwaqeni yasemakhaya ewubhuqe nezikhinsi. 

Indlela yami ingithathe yangibeka oShabeni kwaNdelu oGwini lesifundazwe. Yize imigwaqo ingasemibi kuloluya khalo kodwa kusebenzile ukuphakama kwayo okungama-210mm ngoba kwezinye izindawo bekudingeka. Ilekelelwa kakhulu amarimu namathayi  angu-15 inch amathayi awugqinsi 195/80. Ngejubane lika-120kph injini yeJimny ireva inyuke ifinyelele kuma-300rpm okwnza nomsindo uthi ukuba phezulu. Amagiya ayo angena kalula kepha ngizwe segathi kunokuqhelelana okukhulu phakathi kweclutch nebrake okungixakile isikhathi esiningi mhlawumbe omunye angezwa ngendlela ehlukile).

See Also

Kuphetroli inakho ukuthula ngoba emgwaqeni ovulekile icaphuma amalitha angu-6 nengenye kuya kumalitha angu 7.4  ngebanga lika-100km. Emgwaqeni ovulekile iyabambelela kodwa iyezwakala ukuthi ifuna umgwaqo ozoyiphonsela inselelo. Indlela esiguquka ngayo ngisho ezindaweni ezicinene balinyusile izinga kuyo ngoba isingu 114 metres.

Iphelele iqedile ngaphakathi

Ngiyithandile indlela abenze ngayo konke kwaqondana nomshayeli okwenza kungabi lula ukususa amehlo emgwaqeni.

Izihlalo eziyindwangu futhi ezingakubambi ukungcola, isiteringi esigqize ngesikhumba, isikhumba esiqukethe konke esingu-9 inch, esihambisana ne-Apple CarPlay ne-Android Auto, iclimate control kanye nama-airbag ayisithupha, ikhamera ekusiza uma uhlehla. Ngaphandle iphuma namalambu enkungu. Izihlalo zangemuva ziyakwazi ukulala kwande isikhala. 

Intengo

  • 1.5 GL Manual: R429 900
  • 1.5 GLX Manual: R457 900
Scroll To Top