Now Reading
Bebengagcini icala kwaKia ngokukhipha iSeltos kadizili
Dark Light

Bebengagcini icala kwaKia ngokukhipha iSeltos kadizili

Esigabeni sezimoto ezingama Compact SUV kuminyene utshumo kodwa angeke ngamsola umuntu osemakethe yokuthenga kulesi sigaba uma egcina ephelele kwi Kia Seltos. Akuyona imoto entsha kodwa kwaKia balokhu beyiphonononga benyusa nezinga layo lobuchwepheshe nokubukeka. Uzovumelana nami ukuthi le nkampani yaseSouth Korea uma yethula uhlobo olusha lwemoto isuke ingagcini icala. 

Ushintsho kuSeltos

Ushintsho kule Seltos lugqame kusuka phansi kuya phezulu. Ngaphandle kobuhle, benze isiqiniseko sokuthi iKia CRDI EX edonsa ngodizili bayibeke ezingeni eliyifanele kwezokuphepha. Izinto ephuma nazo ziwumgomo ama-airbags angu-6, i-Advanced Braking System nè-Electronic Brakeforce Distribution. Indlela ehlanganiswe ngayo i-suspension yeSeltos kuba sengathi uhamba ngendizamshini. Imigodigodi nezikhinsi uhulumeni athembisa ukuzivala zonke emigwaqeni yakuleli uzizwa ngendaba kulobu buthebelele. Iphuma nenjini engu-1.5 litres ekhiqiza amandla afinyelela kuma-86kW kanye netorque ngâm-250 Nm. 

Injini kaDizili

Uma uyinyathela uyayizwa ithatha amandla, ikakhulukazi uma usika enye imoto noma zidedelwe emgwaqeni ovulekile. Le nqokonqoko idonsa ngamasondo angaphambili, ilekelelwa u-gearbox ongu-6 speed ongumshini ozishintshayo (automatic) turbodiesel.

Yize kungeyona eyokuqwala izindaba kodwa ukuphakama kwayo okungama-190mm kuyibeka kwelinye izinga. Emajikeni izwakala ibambelela ngenxa yamasondo ayo angu-17 inch. Izihlalo zayo ziyisikhumba zase zigqiza ngomlhetho wesitishi esengeza obunye ubuhle. Iphuma nè-USB port okwenza kube lula ukufaka umoya iselula. Ngaphezu kwalokhu imoto ekahle yokuthatha uhambo nomndeni ngoba isikhala sebhuthi singama-433 litres.

See Also

Ukonga okuyisimanga

Ngiyikhipha phambili ekongeni uphethroli, ngikuqaphelile ukuthi ngebanga le-100km ngehora idla amalitha angu-5.5 litres okuwukonga okukhulu. ISeltos iphuma ne-warranty oyoze uyilahle yamakhilomitha okanye iminyaka emihlanu. I-Service Plan eyeminyaka emihlanu okanye u-90 000km. Izinhlobo zeSeltos zihlukene ngokwamazinga kanjalo nentengo.

Intengo (Lena yintengo yangesikhathi yethulwa)

Kia Seltos 1.5CRDi EXR 466 995
Kia Seltos 1.5CRDi EX autoIsuka kuR 484  995
Kia Seltos 1.5CRDi EX+isuka kuR 502 995
Scroll To Top