Now Reading
I-FFP
Dark Light

I-FFP

Isikhongeli seqembu eliphikisayo i-Freedom Front Plus (FFP) esethulwe mhla zingama-2 kuNdasa wezi-2024.

Imali engenayo eyisisekelo, izibonelelo kanye nenqubomgomo yezenhlalakahle

  • Izibonelelo zikaHulumeni “zifanelekile” kodwa iFF Plus ifuna “ukunciphisa ukuncika” ezibonelelweni “ngezimo zomnotho ezivumayo ezikhuthaza ukuzimela ngokwezimali”.

Ubugebengu nenkohlakalo

  • Kuzogxilwa ohlelweni lokuphepha ezindaweni zasemakhaya, ukunqanda udlame olwenzeka emapulazini nokwebiwa kwemfuyo.
  • Kuzogxilwa ekubhekaneni namaqembu ezigelekeqe ashushumbisa izidakamizwa.
  • Uphenyo oluqhutshwa ngenhloso yokushushisa.
  • Kuzoqinisekiswa ukuvikeleka kwamalungelo abanikazi bezibhamu.
  • Ukwenza ukusetshenziswa kwemali kwangasese ekuphepheni nasekuvikelekeni kudonswe intela.

Umnotho

  • Imakethe evulelekile.
  • Kuzokwamukelwa uguquko lwezimboni lwesine.
  • Zonke izinkampani zikahulumeni zizodayiselwa abazimele.
  • Umbala wesikhumba awuyona inkomba yokungalungi.
  • Kuzokhushulwa iVAT.
  • Imithetho ye-visa kufanele ixegiswe, ukuze kube lula ukuvakashela iNingizimu Afrika.
  • Izaphulelo zentela ngokwenza umsebenzi kaHulumeni, njengokulungisa imigodi noma ukukhokhela ezokuphepha.

Ezemfundo

  • Kuzokhushulwa amaholo othisha ezikoleni ezihlwempu.
  • Kukhuthazwa izikole eziphethwe umphakathi kanye nokufunda emakhaya.
  • Izikole zizovunyelwa ukuthi zikhethe ukuthi zizophathwa nguHulumeni noma umkhandlu womphakathi.
  • Ukufundisa ngolimi lwebele – Leli qembu liyakugxeka ukuhanjiswa phambili kolimi lwesiNgisi phezu kwezilimi zebele.

Ukudla

  • Kuzobuyiselwa izabelo zokudoba emiphakathini; kulungiswe uMnyango Wezokudoba.
  • Ukuvikelwa kwentela yomkhakha wezolimo; ukuvikela kwesiqiniseko sokutholakala kokudla.
  • Abanikazi bezakhiwo kumele benze umhlaba olimekayo, ovundile.

Ezokubusa

See Also

  • UHulumeni omncane, oshesha kakhulu ogxile kwezokumbutho, amaphoyisa kanye nezobulungiswa – ungqongqoshe oyedwa kuphothifoliyo ngayinye, kungabibikho sekela-ngqongqoshe.
  • UHulumenni kufanele uphathwe imikhandlu yomphakathi ezimele kanye nezinkampani ezizimele – “igunya kumele lisetshenziswe ezingeni eliphansi, elingenzeka”.
  • Le mikhandlu kufanele iphathe izikole, amakhaya abantu abadala kanye namakhaya ezingane, izikhungo zomphakathi (isibonelo izigcinamlando nezindawo zamagugu).
  • Kuzonwetshwa izincazelo zezinhlangano zezakhiwo zomphakathi.
  • Ukunciphisa ubukhulu bomasipala.
  • Izisebenzi zikaHulumeni kufanele zibe abahlinzeki bezinsizakalo kunokuba kube abasunguli bemisebenzi.

Ezempilo

  • Kuzokhuthazwa futhi kugcizelelwe izinhlelo zokulethwa kwezempilo zikaHulumeni nezizimele.
  • Kuzogxilwa ekunakekelweni kwezempilo okuyisisekelo.

Imisebenzi

  • Ukuqedwa kwezinguquko ezigxile kubuhlanga, futhi kugxilwe ekuthuthukisweni.

Umhlaba

  • Kuzochibiyelwa uMthethosivivinywa Ochitshiyelwe Wokuthathwa Komhlaba, obeka indlela yokudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo; beka ilungelo lokuthatha umhlaba eZinkantolo Eziphakeme.
  • Ukusabalalisa kabusha umhlaba ongaphansi kukaHulumeni ngokushesha futhi usebenzise inqubomgomo “yomthengisi othandayo, nomthengi ozimisele” ngemva kwalokho.
  • Kuzovikelwa amalungelo emhlaba yabazimele.

Ukunqanyulwa kwagesi

  • Ukushintshela amandla avuselelekayo – izinxephezelo zentela namaphaneli asebenza ngelanga.
  • Hlukanisa u-Eskom esikhathini esimaphakathi neside, bese uyazimela ungabi ngaphansi kukaHulumeni.
  • Izibonelelo zokufakwa kwezixwexwe zamandla elanga.
Scroll To Top