Limi ngothi: Isinabele kuzwelonke eyokubulawa kwabasolwa
Kusuka kuqale unyaka izazelene phakathi kwamaphoyisa nabasolwa ngobugebengu emphakathini kulandela uchungechunge lezigameko zokuthelwa ngenhlamvu kwalabo abasuke bethathwa njengobhongoza bobugebengu abahlalisa lubhojozi umphakathi. Inganono ayigcini nje ngokudla kubasolwa kuphela, namaphoyisa athwele kanzima.
Ukubulawa kwabasolwa kuqale KwaZulu-Natal njengoba sekunabele nakwezinye izifundazwe. Umyalezo kaNgqongqoshe Wamaphoyisa uMnu uBheki Cele emaphoyiseni ukuthi uma ehlaselwa ngezibhamu angapholisi maseko nawo aphindisele ngaso. Ekhuluma muva nje enkonzweni yomngcwabo wephoyisa KwaZulu-Natal ucele uthe usekhathele ukuzokhalisana namaphoyisa abulawa enayo indlela yokuzivikela.
Ngesikhathi kusabatshazwa isigameko sokubulawa kwabasolwa abayisi-9 kwaDesai eMariannhill, ngoLwesithathu kusale enkundleni abasolwa abayisi-5 igagazisana ngenganono namaphoyisa esigcemeni iNcumo eKhayelitsha eWestern Cape. Kulesi sigameko amaphoyisa kuthiwa ancinzwe indlebe ngezigebengu emzini othile okuthe uma egasela khona abasolwa bavulela ngenhlamvu nawo abe eseyaziphindiselela kwalala uyaca.
Kuthiwa ngaphambi kokubulawa kwalaba, ezintatha kudutshulwe kwabulawa owesilisa okukholakala ukuthi ubebanjwa inkunzi. IKhayelitsha iphambili eNingizimu Afrika ezindaweni ezinobugebengu emuva kweNanda, eThekwini.
Isigameko saseKhayelitsha besilandela esaseGoli lapho kubulawe abasolwa abathathu eChrisville enkabeni yedolobha abasolwa ngokuba yingxenye yama”ginsa” eGoli. Abasolwa kuthiwa bebefunelwa uchungechunge lwamacala okudunwa kwezimoto nokugqekezwa kwemizi ezindaweni zomntakabani kuleli dolobha emini kwa bha.
Amaphoyisa awaqedile eMariannhill
Emuva kokuthelwa othulini abesilisa abayisi-9 kwaDesai kule ndawo emasontweni amabili edlule amaphoyisa athi awaqedile. Ithimba eliyisipesheli lamaphoyisa elilwa nobugebengu KwaZulu-Natal lisebenza umshoshaphansi kule ndawo ukuhlonza zonke izidleke zobugebengu nobhongoza.
Abasala enkundleni okungabesilisa abaneminyaka ephakathi kweli-18 nama-35 kuthiwa bazame ukudubulana namaphoyisa kwaDesai abephansi phezulu ethungatha amadoda asolwa ngokudlwengula abesifazane nokugqekeza imizi kule ndawo. Esigamekweni saseMariannhill ngomlomo womkhulumeli wawo uColonel Robert Netshiunda uthe ezikadalawane zinikele kule ndawo emuva kolwazi oluyimfihlo lobunhloli ngendawo lapho abasolwa behlala khona.
UNetshiunda uthe lapho amaphoyisa efika nje kuzwakale isigwagwagwa sibhekiuswe ngakuwo, abe eseyaziphendulela kwalala uyaca. Uveze ukuthi ekufikeni kwamaphoyisa kule ndawo aqonde emzini okungewona angqongqoza nokuyilapho ehlangabezane khona nenhlamvu. “Kwelinye icala abasolwa abebefunelwa lona ngolokudlwengula beshintshisana ngentombazane phambi kukanina, abanye bezitapela impahla yakulo muzi.
Okunye amaphoyisa akuthola ukuthi abasolwa bebephezu kwezinhlelo zokusoconga umuntu othile wendawo,” kusho uNetshiunda. Lesi sekuyisigameko sesithathu ukwenzeka eMariannhill lapho amaphoyisa etholana ngenhlamvu nabasolwa. Ngonyaka odlule eTshelimnyama kwabulawa abasolwa abane ababebandakanyeka ezenzweni zobugebengu endaweni.
Imizi idliwa ngehheshe
Ezindaweni ezihlaselwe ubugebengu umphakathi uthi imizi esele dengwane inomthelela omkhulu ekwandeni kwezigilamkhuluba ngoba yilapho zihlala khona. Lo mkhuba wokudla imizi ngehheshe, awukho kuphela emalokishini nasemakhaya, kepha nasezindaweni okwabe kungezabamhlophe.
Ilungu lesigungu somphakathi esilwa nobugebengu eSikebheni, eNanda uMnu uMvuyane uthe sebezame kaningi ukuya emakhanseleni bewanxusa ukuthi kutholakale abanikazi bemizi eshiywe yodwa ukuze kugwenywe ukuthi izigilamkhuba zingangeni kuyo ziphendule imihhume yabaphangi. Esigamekweni sakwaDesai, abasolwa babhadanywa emzini othile ababewudle ngehheshe lapho kuthiwa babegila khoma imikhuba.
Kwesinye isigameko kwasala enkundleni abasolwa abayisithupha kulandela ukudubulana namaphoyisa. Kulesi sigameko abasolwa bakwazi ukubaleka namanxeba okudutshulwa emzimbeni bagcina ngokuphelela endleleni.
Abasolwa bahlasela owesilisa osebenzela kule ndawo bathatha yonke imishini yakhe yokusebenza. UNetshiunda uthe badlulela komunye umuzi onendawo yokulungisa izimoto nakhona benza esifanayo beba impahla badubula nomnikazi wendawo nabanye abantu ababili bashaya bachitha. Amaphoyisa asebenzisana nezinhlaka zokulwa nobugebengu emphakathini anikela emzini othile oyisidleke sobugebengu athola abasolwa bezithokozisa nalapho kwaba nokudubulana abayisithupha basala enkundleni. UMvuyane uthe kunzima ngisho nokudlula eduze kwale mizi manje ngoba izigebengu zala kwasani.