Now Reading
UMaMhlophe: Isiphiwo kwaboHlanga, abancane
Dark Light

UMaMhlophe: Isiphiwo kwaboHlanga, abancane

Esikhathini lapho abantu befuna izimpendulo zayizolo ezinkingeni zanamuhla, ukhona umuntu ongawondla umphefumulo wakho nonolwazi ngalokho.

Igama lakhe ngumama uNokugcina Elsie Mhlophe, owaziwa ngelikaGcina Mhlophe. Le nqabakutholwa kayigcini nje ngokuba ngusozincwadi nokudlala eshashalazini noma engqayini kepha ingumxoxi wezinganekwane ohlonishwayo kuleli nangale kwemingcele.

Ikhono lakhe lifakazelwe yizizwe ngezizwe njengoba ehambele amazwe ahlukene ngemisebenzi yakhe noma lapho ebambisene namanye amaciko njengeLadysmith Black Mambazo.

Phakathi kwemisebenzi aziwa ngayo kwezeshashalazi kukhona Umongikazi -The Nurse (1983) eyahambela e-England, e-Ireland, eHolland naseSwitzerland. Ukhona nomunye iThe Black Dog -Injemnyama (1984/85), i-Inyanga (1989) neminye eminingi.

Ukubhala nakhona kathintwa njengoba enemidlalo eminingi lapho ayebhala khona yena siqu noma ebambisene nabanye njengomndlalo uSomdaka, iThe Good Person Of Sechuan noJanet Suzman neLove Child. Kanti phakathi kwamabhuku angosiba negama lakhe kukhona; iNozincwadi – Mother of Books, iSawubona Zoleka, i-Indoda Nengwenya, iFudukazi, i-Ithemba Means Hope, i-Izandi Zezilo, i-Ulizeka Wazikhethela, i-Ithemba Liyaphilisa, iStories of Africa, iWhat Love In Your Language, i-Intombi Yodumo, iKuyini Lokhu nezinye eziningi.

Kagcini lapho ngoba uyabathuthulisa nabanye njengoba enesikhwama nje sosizo. IThe Gcinamasiko Arts and Heritage Trust izibophezele ekugcizeleleni isiko lokufunda, ukunikeza amathuba okubhala nokuqamba izindaba kanye nokuthuthukisa ababhali abangama-Afrika nefagugu lokuxoxa izindaba ezikhungweni zemfundo (ikakhulukazi kulezo ezintulayo) kanye nasemiphakathini yaseNingizimu Afrika ngokusebenzisa uhlelo i-Edutainment.

Leli ciko liphiwe cishe kukho konke ngoba konke elikuthintayo, elikuxoxayo, elikudlalayo kuyahluma futhi kuqukethe izifundo ezahlukene. Waklonyeliswa (uMhlophe) ngeziqu zesithupha zobudokotela zokumhlonipha yiRhodes University ngwezi-2014.

See Also

Ungomunye futhi wezigomagoma ezingama-21 ngowezi-2015 ezifana noLillian Cingo, uSobaba uTutu, uNadine Gordimer noMandela.

UMaMhlophe ungomunye wabantu abangasetshenziswa ngokuyikho ukuxoxa ngomlando wezwe lethu kakhulukazi ngoba ikhono lakhe lokuxoxa inganekwane lenza kube lula nasezinganeni ukuba zithi zifunda zibe zidlala, umbuzo uthi uhulumeni pho ulindeni kamsebenzisi ngani, yona imiphakathi yehlulwa yini ukusebenzisa nasi isipho.

ISigqiki yingosi yelaboHlanga nekhuluma ngabaholi boHlanga abavela emikhakheni eyehlukene yempilo. Iyatholakala nakusizindalwebu naku podcast. Ushicilelo lokuqala lwaloludaba lube ziyi-10 kuMfumfu 2022.

Scroll To Top